KULEZI zinsuku abantu bathuswa ngamabhomu athukuswa ezitolo zakwaWoolworths. UTHOKOZANI NDLOVU usibhekela ngelibanzi ngalezi zigameko ezilokhu zibikwa.
AKUQALI ukuthi kube nezindawo ezisatshiswa ngamabhomu eThekwini kodwa agcina engaqhumanga.
Eminyakeni embalwa eyedlule zike zabikwa izigameko zokutshalwa kwento esampuqumpuqu okwakuthiwa iyaqhuma njengebhomu kodwa ayikaze iqhume. Lokhu okubikwa ezindaweni zokusebenzela ezahlukene eNingizimu Afrika naseThekwini.
Bekuvamise ukuthi uma sekubikwe ukuthi sekutholakele kuleyo ndawo yokusebenzela, bakhishwe abasebenzi. Emva kwesikhathi kutholakale ukuthi bekudlalwa akukho lutho. Kulokhu kwehlukile ngoba kuyatholakala, umbuzo omkhulu owokuthi ngamabhomu angempela yini lawa noma kuyasatshiswa. Namanje lamabhomu abikwayo awakalimazi muntu. Kudala itwetwe kubantu okungagcina kwenze abathengi bazigweme lezi zitolo okubikwa ukuthi zinamabhomu, zingabe zisayenza inzuzo, okungenzeka futhi ukuba yinhloso yabo vele ukuxosha abathengi kulezi zitolo. Kulokhu kuhlukile ngoba sengathi kuqondwe izitolo zakwaWoolworths ezisenxanxatheleni yezitolo njengoba ngoMgqibelo kubanjwe okusabhomu kulesi stolo eGateway nasePavilion ngoLwesihlanu nangoMsombuluko eThekwini.
Emibikweni yangeledlule kubikwe izigameko eziyisithupha lapho abantu besale khona amaphaphu ephezulu ngenxa yemibiko yamabhomu obekuthiwa akulezo zindawo. Enye indawo okutholwe khona okusabhomu yiseSpar eWentworth naseGreyville Racecourse eThekwini. Lezi zigameko zishiye izisebenzi nabathengi bethukile ngenxa yokuthi kuphoqeleke ukuthi bakhishwe ngoshova ngenxa yezinsolo zamabhomu. EWentworth kuthiwa abantu baphume ngejubane bebaleka kwaphinde kwazwakala nokuqhuma ngemuva kwesikhathi. Ngenhlanhla kulesi sigameko akulimalanga muntu futhi nabantu bendawo bebethukile njengoba bebeveza ukuthi iyaqala ukwenzeka into enje endaweni.
UMnuz Willem Els we-Institute for Security Studies (ISS), uveze ukuthi lesi sigaxana esitholakale eGateway siyafana nesatholakala ethempelini lamaSulumane i-Imam Hussain, eVerulam, ngoMeyi, lapho kwanqunywa khona owayezosiza washona.
Isigaxana esitholakale kaWoolworths, ePavilion, amaphoyisa agcine ekuqinisekisile ukuthi yilesi esinanyathiselwa ezimpahleni zokugqoka ukuze uma uphuma nazo ungakhokhile ikhale.
U-Els uthe izigameko zamabhomu esekuke kwabikwa ngazo eThekwini kuselukhuni ukuthi kungafikwa esinqumweni sokuthi zidalwa yini nokuthi abantu baphephe kangakanani kuzona.
“Okwamanje lezi zigaxana okusolwa ukuthi zingamabhomu zibukeka zifana uma kubhekwa izithombe ezishicilelwa abezindaba. Njengamanje asikazitholi sazihlola ukuthi zingamabhomu ngempela yini futhi alukho ulwazi esesike saluthola oluveza ukuthi kunobushokobezi eNingizimu Afrika. Ngenxa yolwazi esinalo ngamabhomu, ukubona lezi zithombe zenza sibe nezinsolo zokuthi ngamabhomu lawa asuke eveziwe,” kusho * -Els.
Ngenxa yokuthi akukho osekuke kwaqinisekiswa ukuthi yibhomu kulezi zigaxana ezisuke zitholakala, * -Els uthe bagcina sebenezinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi kunedlanzana elithile elazi ukuthi amabhomu abukeka kanjani elinezinhloso eziningi zokwakha okubukeka njengamabhomu ukuze zisabise abathile.
“Kungaba abantu abasuke befuna ukuqola isitolo esithile imali ngokuthi basabise ngokuthi kunebhomu, bese bethi ukuze bangaliqhumisi kumele bakhokhelwe imali. Kungenzeka futhi ukuthi zonke izindawo okutholakala kuzona lezi zigaxana kusuke kungabantu ababodwa abanehloso efanayo. Siphinde sisole nabasebenzi abangenelisekile ukuthi bangayenza lento ngenhloso yokusabisa abaqashi ukuze bahambisane nezimfuno zabo,” kuqhuba * -Els.
Uthe kungakuhle ukuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa ngokuthi uwabikele uma kukhona iphasela ongaliqondi ohlangabezana nalo. Nawo amaphoyisa uthe kumele asebenzisane nomphakathi ngokuthi uwubikele ngokwenzekayo. Uthe akuqaphelayo ukuthi amaphoyisa awaxhumani kakhulu nomphakathi ukuze ufundiseke ngendaba yamabhomu. Lokho uthe kudala ukuthi umphakathi ube novalo ngemibiko yamabhomu bese uyatatazela kanti akumele kubenjalo. Ukutatazela uthe yikhona okungona izinto kanti uma umphakathi ufundiseka ukuthi kumele wenzenjani uma uhlangabezana nephasela okusolakala ukuthi yibhomu ngeke kube nabungozi.
U-Els uthe ngenxa yolwazi oluncane abanalo kulikhuni ukuthi bangakusho kugcwale ukuthi kunobushokobezi kuleli kodwa zikhona izinkomba zabo. Uthe icala lamawele uBrandon-Lee noTony-Lee Thulsie abanecala letulo lokuhlasela amaJuda nokudicilela phansi izinto eziqhamuka eMelika eziseNingizimu Afrika ngesinye isibonelo angasisebenzisa.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe kuzona zonke izigameko esezike zabikwa alikaze litholakale ibhomu kuzona.
“Namanje sisaphenya ngoba asikakatholi ukuthi iyini imbangela yokuthi kusatshiswe abantu ngalolu hlobo. Ngingakuqinisekisa ukuthi alikaze litholakale ibhomu ezigamekweni esezike zabikwa. Zonke izigaxana ebekukholakala ukuthi ngamabhomu zihloliwe kwatholakala ukuthi asikho nesisodwa esiyibhomu kuzona,” kusho uNaidoo.
UNaidoo uphinde wanxusa abantu ukuthi bangathuki ngoba alikaze libekhona ibhomu elitholakalayo. Uthe uma kukhona onolwazi ngenhloso yokuthuswa kwabantu ngalolu hlobo, ucela abikele amaphoyisa ngoba bona abakazi ukuthi inhloso ikuphi.
Ukubikwa kwalezi zigameko kugxekwe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, wacela ukuthi umphakathi wehlise amaphaphu ngalezi zigameko ngoba azilona iqiniso. Uthembise abantu ukuthi benguhulumeni basebenza kanzima ukuthola imbangela yokusatshiswa kwabantu ngalolu hlobo. Uthe benza konke okusemandleni ukuthola umsuka walezi zigameko ezingelona iqiniso.