BAHLOMULILE osomatekisi emjahweni iComrades Marathon bethutha abagijimi abakhathala endleleni nalabo abasuka eThekwini befuna ukuyobekwa eMgungundlovu lapho umjaho ubuphelela
khona.
UMnuz Yusuf Khaliva onguSihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) eDurban Central, uthe bebeqala bewosomatekisi ukuba yingxenye yeComrades Marathon ngoba uma kunalo mjaho kuvame ukuphazamiseka ukusebenza emizileni yabo.
“Kuqashwe amatekisi awu-40 abethutha abagibeli abakhathala endleleni nabantu abafisa ukubuka umjaho ezigabeni ezehlukene. Abanye bebesuka eThekwini befuna ukuya eMgungundlovu. Abanye bebefuna ukususwa emahhotela baye eMgungundlovu baphinde babuyiselwe emahhotela aseThekwini,” kusho uKhaliva.
Uthe bayajabula kakhulu ngalobu budlelwane babo neComrades Marathon ngoba ngaphandle kokuhlomula baphinde baba netafula ebelinamavolontiya awu-60 abenika abagijimi amanzi okuphuza nezithelo.
“Singosomatekisi asigcini ngokubheka okuza ngakithi kodwa siphinde sibuyisele emphakathini njengoba besipha abagijimi izithelo namanzi okubagcina benomfutho,” kusho uKhaliva.
USihlalo weSantaco eDurban West, uMnuz Mathula Mkhize, ucele abeComrades ukuthi bandise isibalo samatekisi ahlomulayo ngoba nabo balambile bewosomatekisi bezindawo ezakhele iPinetown namaphethelo.
UNksz Keletso Totlhanyo, onguMqondisi weComrades Marathon, uthe osomatekisi beze kubona befuna ukusebenzisana nabo.
“Sijabule kakhulu ngokusebenzisana neSantaco ngoba ize kithina yasichazela ukuthi iyaphazamiseka lapha enkabeni yeTheku uma kunomjaho. Sibe sesibonisana nayo sabe sesiza nalolu hlelo. Iyona ebiyenza izinhlelo zokudayisa amathikithi abantu abafuna ukuthuthwa uma bebuka umjaho ezindaweni ezehlukene. Siyasebenzisana nezinhlangano ezehlukene futhi siyathanda ukubalalela abantu,” kusho uNksz Totlhanyo.