BAFUNA kungenele uMasipala weTheku emhlabeni ozamazamayo, uqhekeke bese ugugula izindlu, abantu baseMalukazi ngaseMlaza.
Isolezwe lithole ukuthi sekuphele inyanga kunokuzamazama komhlaba eRoad 2, eMalukazi.
UNkk Nokukhanya Dhlomo oyilungu lekomiti lakule ndawo, uthe bafuna kungenele umasipala ngoba abasakwazi nokuhamba kahle endaweni yabo kwazise umhlaba ushona phansi uma bewunyathela.
“Izindlu zabantu ziyadilika, umhlaba unokuzamazama kancane. Uma sinyathela ushona phansi.
Asazi ukuthi le nto eyenzekayo sizoyibiza ngani ngoba iyaqala ukwenzeka selokhu safika lapha ngo-1990,” kusho uNkk Dhlomo.
UNkk Khombisile Mkhize (56) indlu yakhe enamakamelo amathathu isilengela eweni.
Uthe wafika eMalukazi ngo-1995 futhi akakaze abone umhlaba wenza le nto ngisho kunemvula ena ngamandla.
“Kulo nyaka siqale sabona umhlaba uqhekeka izulu libalele. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi sezwa izindlu sezinyakaza sengathi kunento ezigugulayo.
Lesi simo senzeka uma izulu lina noma libalele. Asisazi ukuthi senze njani ngoba sibikile emakhanseleni,” kusho uNkk Mkhize.
UNkk Nombuyiselo Mkhize (65) indlu yakhe ebhodloke udonga ngenxa yokuqhekeka komhlaba eyakhiwe kuwo, uthe ufisa uhulumeni umsuse ngoba akasaphephile. UNkk Mkhize onezingane ezimbili, eyodwa ekhubazekile nenye ebamba amatoho uthe wafika eMalukazi ngo-1992 ngoba ezofuna impilo engcono eThekwini.
“Ngifisa iMeya uNkk Zandile Gumede azohlola isimo sale ndawo ngoba asazi kuthi yini le eqhekeza umhlaba ngoba abanye abantu bathi yinyoka, abanye bathi yisimo sezulu. Asisazi ngempela ukuthi kwenzekani,” kusho uNkk Mkhize.
UNkk Nombuyiselo Mkhize (65) indlu yakhe ebhodloke udonga echazela Isolezwe ngokwenzekile kule ndawo. Video: BONISWA MOHALE
UNksz Ntombifuthi Ndlovu, indlu yakhe esisekwe ngamathayi uthe unovalo ngezingane zakhe ezinhlanu ukuthi zizolimala uma zihamba emhlabeni waseMalukazi.
“Sisaba nokuthi izingane ziyodlala ngoba umhlaba uvele uqhekeke esikhaleni. Siyacela umasipala angenele, asazi ukuthi sithinte bani ngoba sibikile emakhanseleni kodwa alikho ithimba elihlola isimo,” kusho uNksz Ndlovu.
UNksz Tozi Mthethwa oyiNhloko yezokuXhumana kuMasipala weTheku uthe badlulisele lolu daba emnyangweni ofanele ukuze liyohlola isimo bese lihlahla indlela ngokufanele kwenziwe eMalukazi.