ABADILIZELWE imijondolo eCato Manor ngoba kuthiwa bakhe esizeni sesikole ngaphandle kwemvume bathi akukho okubambekayo okukhombisa ukuthi umhlaba abakhe kuwo ngowesikole ngoba awubiyiwe.
Abahlali abaficwe yiphephandaba izolo behleli esigangeni, bethi badilizelwe imijondolo yabo ngoMgqibelo, bathi wunyaka wesibili behleli kule ndawo. Ngaphambi kokuthi bakhe baya ekhanseleni beyocela ukwakha labachitha labatshela ukuthi abaye ophikweni lwezindlu kumasipala.
UMnuz Vusimuzi Mhlanga, okwabadilizelwe, uthe babengeke bayilandele imigomo abayitshelwa yikhansela ngoba abanayo imali yokugibela baye emahhovisi.
“Ngesikhathi siya ekhanseleni sasivele sesiphelelwe yimisebenzi singasenayo imali yokukhokha emqashweni. Kubalwa amahhovisi angekho endaweni kuthiwa asiye kuwo, sizoya ngani? Sabona ukuthi into esingeke siyenze kungcono sakhe imijondolo ukuze babone ukuthi yini esiyifunayo,” kusho yena.
Uqhube wathi sekukaningi bedilizelwa imijondolo babuye bayivuse ngoba bengenayo indawo yokuhlala.
“Kulokhu umasipala udilize imijondolo wathatha othayela bethu wahamba nabo, kwashishwa izimpahla zethu abanye bashiselwa nomazisi kodwa kulindeleke ukuthi sivote. Uthishanhloko uma sicela ukukhuluma naye usibizela amaphoyisa ekubeni indawo engayibiyile,” kusho yena.
UNksz Xolo Miya uthe izingane zabo sezihlala zigade ‘omalume’ abadilizayo.
“Zithi zidlala zibe zigadile ukuthi ayikho yini imoto yakwamasipala emayo bese ziyamemeza siphume ezindlini,” kusho yena.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala ukhathazekile ngokwanda kwezigameko zokudliwa komhlaba.
“Siyakuqonda ukuthi isidingo sezindlu kumasipala sikhulu, sinohlelo lokwakhela abantu abahlala kulo masipala izindlu kodwa asikwazi ukumelana nomthamo wabadinga izindlu ngenxa yokuthi abantu bafudukela kuleli dolobha bezofuna imisebenzi,” kusho yena.
Uqhube wathi uma kukhona abaphula umthetho bakhe ngokungemthetho, imijondolo yabo izodilizwa.
“Abadilizelwe imijondolo uma bebona ukuthi kukhona ukwephulwa komthetho kumele bayobika emaphoyiseni,” usho kanje.