WILLEM PHUNGULA
KUNUKA ukhukhulelangoqo wesiteleka sabasebenzi baseSABC, ngenhloso yokunqanda inhlangano ingadilizi izisebenzi.
Lokhu kudalulwe yinyunyana yabasebenzi, i-Communication Worker’s Union (CWU), emva kokuba iSABC imemezele ukuthi iqala uhlelo lokudiliza izisebenzi eziwu-400.
Esitatimendeni, le nhlangano ithe emva kokuxoxisana izikhawu eziwu-16 nezinhlaka ezifanele, inqume ukuthi ichithe izisebenzi ukuze ikwazi ukuqhubeka nokusebenza.
Iqhube yathi iyazi ukuthi lesi sinyathelo sibi kodwa akukho engakwenza ukuzeinhlangano iqhubeke nokusimama, kumele inciphise izisebenzi.
Unobhala-jikelele weCWU uMnuz Aubrey Tshabalala, utshele leli phephandaba ukuthi badumele ngesinqumo seSABC, wathi bazolwa naso nanoma ngayiphi indlela.
Ugxeke iSABC ngokubadla izithende gwaza ngemuvangoba bona beyizinyunyana, bebazi ukuthi kusaxoxiswana.
Uthe ngesikhathi inhlangano imemezela okokuqala, njengezinyunyana baphuthuma enkantolo bathola incwadi yokuvimba ukuba iSABC ingaqhubeki nokudiliza.
Uthe le nhlangano ibuyele kubo yathi asikho isidingo ngoba ngeke idilize kungakaboniswana, okwenze izinyunyana zahoxisa umyalelo wenkantolo kanti iSABC izobavukela esiswini njengotshwala.
Uthe ngenxa yokungathembeki kwe-SABC sebenqume ukuba babeke phansi amathuluzi bagcwale umgwaqo balwe nokudilizwa kwezisebenzi.
“Sesiqalile siyabonisana nezinye izinyunyana ngenhloso yokuya esitekeleni. Abameli bethu bamatasatasa balungisa amaphepha futhi baseluleka ngokuthi siya kanjani phambili,” kuchaza uTshabalala.
Isitatimende seSABC sibalule nokuthi isibalo sokuqala besiwu-600 kodwa sancipha sehlela ku-400, kanti sizokwehlela ku-230 ngoba sekuvele izikhala eziwu-170 okumele zigcwaliswe.
Ngaphandle kokudiliza inhlangano ithe ngeke ikhushulwe imali yemiholo kwabasele kuze kuphele iminyaka emithathu. Imemezele nokunciphisa amalivu nawezinsuku zokugula imbala.
Umthombo ongaphakathi kwaSABC uthe kugxabha izisu kubasebenzi, njengoba kulindeleke ukuthi ngoLwesithathu zaziswe ngokusemthethweni lezo ezichithwayo.