UHLALELE ovalweni umphakathi waseLindelani okhala ngokwanda kwezigameko zokutholakala kwezidumbu zabantu abalahlwe ezinkundleni zemidlalo kule ndawo.
Izakhamuzi zithi iTM Shabalala isiyindawo okulahlwa kuyo izidumbu njengoba sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ukutholakala kwazo, nokuwushiya uhlalele ovalweni.
Emasontweni amabili adlule, iphephandaba libike ngokutholwa kwesidumbu sowesilisa waseMthwalume okubikwa ukuthi sabonwa ngabantu ababedlula eduze kwale ndawo.
Esigamekweni sakamuva, kuthiwa izingane ebezidlala kulezi zinkundla ngoMgqibelo ekuseni, zithole isidumbu sowesifazane obegqoke impahla yangaphansi kwesingezansi, engagqoke lutho ngenhla.
Isidumbu sakhe kuthiwa sinqunywe intamo sashiswa ngethayi ebeligaxwe esinqeni. Kusona isidumbu kuthiwa bekukhona ummese entanyeni.
UMnuz Dickson Radebe wohlaka lwezokuphepha iCPF, uthe umphakathi usathukile ngokutholakala kwesinye isidumbu kule ndawo njengoba kukhona esisanda kutholakala emasontweni amabili edlule.
“Sithukile ngokwenzeka eTM Shabalala ngoba lezi zigameko ziya ngokwanda. Isidumbu esitholwe ngoMgqibelo ngesika-11 uma ngibala izigameko sezizonke, kusukela ngo-2016,” kubeka uRadebe.
Ilungu lomphakathi elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lithe inkinga enkulu wukunganakwa kukagesi waseTM Shabalala njengoba kuhlezi kumnyama ebusuku.
“Izidumbu zitholakala masonto onke kule ndawo ngenxa yokungakhanyi kukagesi nokwenza singakhululeki njengomphakathi. Sicela ukuthi isukunyelwe le nkinga,” kusho ilungu lomphakathi.
Ikhansela laku-ward 38 eLindelani, uNkk Nokufika Biyela, lithembise ukuyisukumela le nkinga.