SEBEYAZIHUDULA abashayeli
bama-Uber nabezimoto
ezenza umsebenzi ofanayo uma beya eCato Manor nakwezinye izindawo ezakhele idolobha iTheku ngenxa yezigameko zokuholelwa ophathe ngabathile abasuke befake izicelo zokulandwa ezindaweni ezithile, okuthiwa bagcina ngokubenzakalisa.
UMnuz Zakhele Mhlongo ongomunye wabashayeli balezi zimoto, uthe basebenza ngaphansi kwezimo
ezibucayi nsukuzonke njengoba kuyaye kudingeke ukuthi bayolanda abantu abangabazi ebusuku.
Uthe sekukaningi abanye ozakwabo benzakaliswa yizigilamkhuba yize yena bekungakamehleli.
“Lo msebenzi siwenza ngoba awukho omunye esinawo. Uyingozi kakhulu, ikakhulu ngezikhathi zebhizi uma kuphele inyanga,” kubalisa uMhlongo.
Uthe ngaphambi kokuthi ame endaweni lapho abizwe khona uqale ahlolisise isibalo sabantu abame endaweni avumelene ngayo nomgibeli ombizile.
“Uma ngiqhamukela kunabantu besilisa abangaphezu koyedwa ebusuku, ngivele ngidlule ukuphephisa impilo yami, kungcono uma kungabesifazane,” kuqhuba
uMhlongo.
NgoMsombuluko kuboshwe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi
kuka-21 no-25 okuthiwa bazame ukuduna umshayeli we-Uber.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uColonel
Thembeka Mbele, uthe laba
basolwa bavelile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili kanti bayathinteka emacaleni
amaningi
okudunwa kwezimoto zalolu hlobo lwezokuthutha.