BAPHUME sebehlehla abantu abebebhikishela ukungaqashwa ezinkampanini zamaloli ezisebenzela esikhumulweni samabhanoyi esidala eThekwini, njengoba behlakazwe ngamaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba.
Baqale bazama ukuvimba ukusebenza ezinkampanini zamaloli kodwa kwabizwa amaphoyisa base bezama ukuvala umgwaqo.
Emuva kwalokho amaphoyisa abacele ukuthi basuke emgwaqweni bayeke ukuvimba amaloli kodwa baqhubeka nokubhikisha.
Amaphoyisa abe esekhipha isixwayiso ngaphambi kokudubula ngezinhlamvu zenjoloba ezigcine zibahlakaza.
UMnuz Xolani Khuzwayo omunye wabakade betelekile uthe bakhethe ukubhikisha bamise ukusebenza kulezi zinkampani zamaloli ngoba azibaqashi kodwa ziqasha abokufika.
“Njalo uma sizofesa kulezi zinkampani sifunwa imicikilisho eminingi. Siyawathumela amaCV kodwa izicelo zethu zomsebenzi aziphendulwa. Kunalokho sibona sekuqashwe abantu esingabazi esithola ukuthi abakwamanye amazwe,” kusho uKhuzwayo.
Uthe bahlala emalokishini ahlukene aseningizimu yeTheku.
Kulo mbhikisho kulinyazwe iloli ebelidlula, umshayeli walo wayalelwa ukuthi avule icala.
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe ngabo-9 ekuseni izolo amaphoyisa agcina ukuthula emphakathini abizelwe esikhumulweni samabhanoyi esidala esiseSiphingo.
“Amaphoyisa afice iqulu labantu libhikisha livimba izimoto ebezizongena ezinkampanini ezisebenzela esikhumulweni esidala. Amaphoyisa abacele ukuthi abahambe kodwa bawashaya ngamatshe. Adubulile ngezinhlamvu zenjoloba ezama ukuhlakaza isixuku ebesingalaleli,” kusho uCol Mbele.
Uthe akekho olimele kulo mbhikisho kanti amaphoyisa aseSiphingo avule icala lokudala udlame emphakathini.
Imizamo yokuthola abanikazi bezinkampani zamaloli ezisebenzela esikhumulweni ayiphumelelanga njengoba bengazange baphume ukuzolalela izikhalo zabantu abebhikisha.