INHLANGANO yabafundi iCongress of South African Students (Cosas), ayiyizwa eyokungavunyelwa ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka kwabafundi okuzotholakala ukuthi bahaqwe yigciwane iCorona.
Ekhuluma ohlelweni lwasekuseni Ezanamuhla kuKhozi FM, uMnuz Elijah Mhlanga okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uthe abafundi ikakhulu abenza uGrade 12 okuzotholakala ukuthi bahaqwe yigciwane ngaphambi kokuthi kuqale ukubhala abazovunyelwa ukuthi babhale sebeyoze babhale ngoMeyi/Juni. Uveze ukuthi nalabo okuzotholakala ukuthi sebenalo ngesikhathi kuqhubeka ukubhala, bazomiswa baqedele ngawo unyaka ozayo.
UDouglas Ngobeni okhulumela iCosas kuzwelonke, uthe lesi sinqumo somnyango abavumelani naso ngoba awukaze uxhumane nabo ngaphambi kokuthi usithathe.
“Sifuna bonke abafundi babhale izivivinyo zabo noma ngabe kuthiwa kutholakala ukuthi kukhona ohaqekile. Umnyango kumele uqhamuke nezinhlelo ngoba bonke abafundi kumele bakwazi ukuthathwa ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo,” kusho uDouglas.
Uthe kumele okungenani abafundi babhale ngoMashi, kodwa uMhlanga uthi sincane kakhulu isikhathi esisalele umnyango ukulungiselela abafundi.
“Azikho ezinye izinhlelo ezikhona ngaphandle kokuthi uma umfundi kutholakala ukuthi uhaqekile angavunyelwa ukubhala ukugwema ukuthi kungagcini sekutheleleka abanye. NgoNovemba kuqala ukubhalwa kwezivivinyo, ngoJanwari kuzobe kumakwa iphepha, ngoFebhuwari kumenyezelwe imiphumela. Ngakho isikhathi esikhona sabafundi abazophazamiseka bengabhali ngenxa yokuhaqwa wubhubhane, uMeyi nangoJuni wangonyaka ozayo,” kusho uMhlanga.
Uthe umfundi akazokwazi ukubhala kuphela izifundo okutholakale ukuthi uhaqekile engakazibhali kodwa uma esehloliwe kwatholakala ukuthi ululeme, uzovunyelwa ukuthi abhale ezisele bese kuthi angazibhalanga, athole ithuba lokuzibhala ngonyalka ozayo.
Uthe kubalulekile ukuthi abafundi ikakhulukazi abenza uGrade 12, baziphathe kahle bagweme ukubamba imibhiyozo nemicimbi yokuvalelisana okungagcina sekwenza batheleleke.
“Nasezikoleni sibatshelile ngobungozi bale micimbi, sesisincane isikhathi esisele ngaphambi kokuqala ukubhalwa kwezivivinyo ngakho wonke umcabango sekumele ugxile ezivivinyweni,” usho kanje.
Ukubhalwa kwezivivinyo kuqala ngoNovemba 5, uMhlanga uthe bevile esigidini abafundi okulindeleke ukuthi babhale.
UMnuz Zwile Zulu ongusihlalo wezigungu ezengamele izikole KwaZulu-Natal, uthe nakuba bebengakaze balithole ithuba lokuxoxa ngokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kodwa bayaweseka umnyango.
“Sinxusa kakhulu ukuthi abazali banakekele izingane zabo ngalesi sikhathi ukuqinisekisa ukuthi akuze kufike esimeni lapho sekuphoqeka ukuthi kuphazamiseke ukubhalwa kwezivivinyo ngenxa yokuqubuka kwaleli gciwane ezikoleni,” kusho uZulu .
UNobhala weSouth African Democratic Teachers Union, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe nakuba uhlelo lokubhalwa kwezivivinyo luphakathi komnyango nabafundi kodwa umnyango kumele uqaphele uma ukhuluma ngomfundi kungagcini kube sengathi umfundi ogulayo uyacwaswa.
“Bekumele babe nezinye izinhlelo okungenani umfundi ahanjiselwe iphepha abhalele lapho egcinwe khona. Ukunqabela umfundi ukubhala ngenxa yokuthi uyagula akuzohlala kahle kuyena.”
UMnuz Allen Thompson onguMengameli weNational Teachers Union uthe bayeweseka umnyango kulolu daba.
“Akulula ukuthi ukwazi ukuhlelela idlanzana lasebehaqekile ngoba uhlelo lokubhalwa kwezivivinyo liwuhlelo lukazwelonke,” kusho uThompson.