BAFUNA kuphele ukuhlaselwa kwabantu bokufika eNingizimu Afrika osomatekisi abekade bebambe imashi enkabeni yedolobha ePitoli ngoLwesibili ekuseni.
Lemashi ilandela izigameko zodlame ezishaqe umhlaba wonkana njengoba kade kukhona izinxushunxushu zokuhlaselwa kwezitolo zabantu bokufika kuleli emasontweni edlule. Kuphinde kwaba khona izigameko zokuhlukunyezwa nokudlwengulwa kwabantu besifazane nezingane ezishaqe abaningi kuleli.
Osomatekisi basePitoli yibona abebesolwa ngokususa uthuthuva lokuhlaselwa kwabantu bokufika nokushiswa kwezitolo zabo njengoba kwabulawa usomatekisi uMnuz Jabu Baloyi eTshwane owayezama ukuhlenga ingane yomfana eyayithatha izidakamizwa kumuntu owayezidayisa okusolwa ukuthi ungowokufika.
Okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) ePitoli uMacDonald Malaya uthe benza imashi enokuthula ngoba befuna ukugeza amagama abo.
“Kulamasonto amabili adlule, sishaqwe yizigameko zokuhlaselwa kwabantu bokufika kanye nokushiswa kwezitolo. Njengemboni yamatekisi, siyasigxeka isenzo sokuhlaselwa kwabantu bokufika nokudayiswa kwezidakamizwa, ngisho ngabe umuntu usuka kuliphi izwe. Sifuna ukucacisa ukuthi asihambisani nokuhlaselwa kwabantu bokufika futhi asifuni kudayiswe izidakamizwa,” kuchaza uMalaya.
UMalaya uthe njengoba imboni yamatekisi igcwele abasebenzi besilisa, akumele behlukumeze abantu besifazane nezingane. Ekhuluma emashini eyalandela ukubulawa kukaBaloyi, uMalaya wathi uma indaba ingenelelwa osomatekisi, izinto zishuba kakhulu mase kulimala abantu.
UMalaya uveze ukuthi iningi lezigilamkhuba ezihlasela abantu bokufika ziqhamuka emphakathini, hhayi osomatekisi. “Uma kukhona umshayeli wetekisi othintekayo kulezi zigameko, sizoyekela ingalo yomthetho ukuthi ibhekane naye. Asisebenzi nabo bonke ososeshini bamatekisi kodwa siyithimba eliqaphe isimo, silandela umthetho ngemashi enokuthula,” kusho uMalaya.