AGWETSHWE iminyaka ewu-18 amabhungu abhokoda umakhelwane wawo ngommese owayebasola ngokushisa imoto yakhe.
USenzo Zulu (18) nomngani wakhe (15) igama lakhe elingeke lidalulwe, abaseSigcakini, eRichmond, bagwetshwe ngecala lokubulala uMnuz Khumbulani Marenang (37).
Bagwetshwe izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iminyaka engu-18.
Ibamba lejaji, u-Anand Maharaj, uthe umangele ukuthi abantu abancane kangaka bangabulala umakhelwane wabo ngesihluku esingaka.
“Nambulala ngesihluku umakhelwane wenu nimgwaza amanxeba awu-19 ngoba nakhu enisola ngokuthi nishise imoto yakhe (VW Polo). Kuzokwenzekani nje ngempilo yenu njengoba senizoya ejele nibancane kangaka. Nizohlala isikhathi eside ejele. Nginovalo lokuthi niyophuma ninjani,” kusho uMaharaj.
Uthe ababulali bakhombise ukuba luhlaza kakhulu. Kunombiko othe bathuka umndeni kamufi.
“Okokuqala nagwaza umuntu namshiya lapho, nangabikela umndeni noma nimcelele usizo. Ngaphezu kwalokho elinye ilungu lomndeni lithe icala lisaqhubeka enkantolo naphakamisa umunwe ophakathi nendawo nimthuka. Niphinde nihleke ngalokhu enakwenza. Nikhombise ukudelela okukhulu,” kusho uMaharaj.
Uthe yize oneminyaka ewu-15 esemncane kodwa isigwebo seminyaka ewu-18 sizomenza afunde ukuhlonipha impilo yomuntu.
Bobali balivuma icala elenzeka ngo-Agasti 10 eRichmond bebulala uMarenang abamgwazela ethaveni.