Izindaba

Bagqunywe esitokisini abasolwa ngokubulala oweChiefs

Intatheli YeSolezwe|Published

ABASOLWA ngokubulala umdlali weKaizer Chiefs okunguNdumiso Moswane, Fernando Sive, Nhlakanipno Dlamini, Franky Xaba, Maredi Mphahlele noThembinkosi Hlomikhawu Isithombe:X

AMADODA ayisithupha asolwa ngokubulala obengumdlali weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs, asazogqunywa esitokisini aze afake isicelo sebheyili ngesonto elizayo.

Laba basolwa bebevele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu.

ULuke (24) ubulawe ngokudutshulwa esigamekweni sokudunwa imoto eGoli ngesonto eledlule.

UMUFI uLuke Fleur emi eduze kwemoto yakhe abulawelwe yona Isithombe:X

Laba basolwa ngoNdumiso Moswane, Fernando Sive, Nhlakanipo Dlamini, Franky Xaba, Maredi Mphahlele noThembinkosi Hlomikhawu futhi bavele phambi kwenkantolo bengamelwe wumuntu.

Enkantolo kuvele ukuthi abasolwa babekwe icala lokubulala, elokubamba inkunzi, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni nokukhohlisa ingalo yomthetho.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-36, bafune ukunikezwa ummeli wamahhala futhi bahlose ukufaka isicelo sebheyili.

UMbuso uthe uzosiphikisa isicelo sebheyili. Umshushisi wenkantolo u-Arnold Limekhaya utshele inkantolo ukuthi ubbuso usadinga imininingwane yebheyili, ukwazi kabanzi ngabasolwa nezitatimende zomphenyi wecala.

Icala lihlehliselwe umhla ka-19 Ephreli ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu futhi kufakwe kahle isicelo sebheyili.

Abasolwa basazogqunywa esitokisini emva kokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela beseSlovoville, eSoweto ngoLwesithathu.

Ngokusho kwamaphoyisa uLuke ulalelwe unyendle elindele usizo egaraji likaphethiloli eliku-14th Avenue noHendrik Potgieter eHoneydew ngo-Ephreli 3.