UFUNA ubulungiswa umndeni womlisa obeyilungu le-EFF eWelbedacht West, eChatsworth, okusolwa ukuthi ushaywe yiqulu labantu waze washona ngemuva kokuvota ngeledlule.
Isidumbu sikaMnuz Nkosinathi Hlophe (34) kuthiwa sitholakale sidindilizile buqamama nalapho ehlala khona ngosuku olulandela olokuvota.
Umfowabo omdala, uMnuz Mpheni Hlophe (46) ukhale ngesihluku okubulawe ngaso umfowabo, athi ushaywe waze waphuziswa i-acid.
Uthe banezinsolo zokuthi ukubulawa kukamfowabo kuhlobene nombango wezepolitiki ngoba esikhwameni sakhe kutholakale namaphepha okuvota amabili.
“Siyasola ukuthi wakhelwe uzungu oluthize ngoba ubeyilunga eliphambili le-EFF.
"Ephuma ukuyovota wayengaphethe sikhwama, asazi lamaphepha ayeqhamuka kuphi.
"Waya kovota, waphuma wayozipholela nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma.
"Ebusuku kuthiwa waya kongqongqozela owesifazane othile okuthiwa intombi yakhe.
"Engathi abazwananga nale ntombazane, kwasuka abantu abahlala nayo bamshaya,” kusho uHlophe.
Uthe okubaxakayo ukuthi labantu abamshaya kuthiwa bathi bashaya iphara.
“Angazi ukuthi umfowethu ubesephenduke iphara nini.
"Abasolwa kuthiwa babephuza naye emasontweni amabili edlule. Ubesebenza enkampanini yezinsimbi ePinetown. Sifuna abambulele baboshwe,” kusho uHlophe.
Uchaze umfowabo njengomuntu obelungile, ubengasukeli muntu ngisho eseqisile etshwaleni.
Unxuse abanolwazi ngokubulawa komfowabo ukuthi balekelele amaphoyisa ngoba abasoze bakuthole ukuphumula bengakabanjwa abambulele.
Iphini likasihlalo we-EFF ku-ward-72, uMnuz Fana Nkwanyana uthe umufi ubeyilungu elengeziwe esigungwini sobuholi be-EFF egatsheni labo.
“Sigqemeke ingozi ngokufa kwakhe ngoba ubeyithanda i-EFF. Nangosuku lokuvota wasebenza kakhulu ukunxenxa abantu ukuthi bavotele i-EFF. Kuvela inkulumo yombango wentombi, kuthiwa waya endlini yentombi kanti ihleli nelinye isoka. Into esididayo ukutholakala kwamaphepha okuvota esikhwameni sakhe. Sixakwa ukuthi ayeqhamukephi ngoba ayegxiviziwe,” kusho uNkwanyana.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa kuphela oluzabacacisela ngokwenzeka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseChatsworth aphenya icala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa sinamanxeba ekhanda emgwaqeni uProgress ngoMeyi 9.
Uthe okwamanje akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.