Simphiwe Ngubane
IGUBUZELWE yifu elimnyama imboni yamatekisi nepolitiki esifundeni iZululand ngemva kokudlula emhlabeni kukaMnuz Elias “Sputla” Mpungose izolo.
Kuvele izindaba zokuthi uMpungose uthathwe iCorona.
USihlalo kasoseshini wamatekisi KwaNongoma, uMnuz Mnumzane Zakwe, ukuqinisekisile ukudlula emhlabeni kukaMpungose ngeCorona.
UZakwe uthe kade exoxa noMpungose ngocingo ngoLwesibili embikela ukuthi imbambe phansi iCorona. UZakwe uthe uMpungose ushonele ekhaya.
“Silimele embonini ngoba bekuyindoda ethanda ukusiza lapho kudingeka khona. Bekuthi noma kukhona ukungaboni ngaso linye kwakhe nabathile ngimqonde ngimbonise ehlele ngezansi,” kusho uZakwe.
Uthe uthathe izintambo zokuhola imboni yamatekisi KwaNongoma kuliwa. Uthi wathatha uSputla waya naye kusoseshini wamatekisi oLundi wayoxoxisana nayengaboni ngaso linye nabo kwathelelwana amanzi.
“Bekuyindoda ebisatshwa futhi inesithunzi kodwa enginika inhlonipho nezinga lami lokuba ngusihlalo uma ngikhuluma naye. Besihlala naye sibonisane kukuhle noma kukubi. Ubemsiza umuntu oxakekile futhi eyithanda imali,” kusho uZakwe.
UMpungose akalona ivukane embonini yamatekisi njengoba azakhela igama kule mboni, ikakhulukazi wayaziwa ngokuzikhulumela uma kunezinkinga.
Ungomunye wabantu ababoshwa nabasolwa ngokubulala embonini yamatekisi KwaDabhasi, KwaNongoma, bahlala esitokisini cishe iminyaka emibili base bededelwa kwathiwa icala kalikho.
UMpungose nozakwabo bese bemnikeze igama likaPhunyukabemphethe.
Isolezwe like labhala kabanzi ngodlame lwamatekisi nokuyilapho laba nengxoxo noMpungose emzini wakhe. Waveza izigigaba zakhe, lapho abantu babefika emzini wakhe bemhlasela kodwa azivikele.
Kokunye waveza nokuthi kwafika amaphoyisa ezombopha wazitshela ukuthi ngabazomhlasela, nathi kwaze kwacishe kwasa bedudulana.
Kamuva nje ubesegxile kwezepolitiki njengoba ubesenesikhundla ebuholini begatsha le-ANC ngakubo.
IPhini likaSihlalo we-ANC esifundeni iZululand, uMnuz Khaya Khumalo, lithe balimele kakhulu ngokushona kukaMpungose.
Umchaze njengomholi obekhathalele inhlalo enhle yabantu futhi ewusizo emphakathini.
“Siphatheke kabi ngokushona kwakhe. Ubewumholi obezimisele futhi ekwazi ukuhlukanisa ngempumelelo umsebenzi wepolitiki nowamatekisi. Ubewenza kahle njengoba unjalo umsebenzi abesuke ewunikwe yi-ANC ukuba awenze. Ubeyikhathalele intuthuko yomphakathi,” kusho uKhumalo.
Uthe ubungeke umhlukanise uMpungose nomsebenzi wamatekisi abewuthanda.
Owesifazane osekhulile okukhulunywe naye wathi ungunina kamakoti kaMpungose uthe uzwile ngezindaba zokudlula emhlabeni kukaMpungose. Uthe akanayo imininingwane egcwele ngenkathi ebuzwa ngembangela yokushona kwakhe.
Umholi weNFP eZululand, uMnuz Sphamandla Ntombela, ukhalisane nomndeni nemboni yamatekisi ngokushona kukaMpungose.