ASIDEDELE abomkhakha wezempilo benze umsebenzi wabo abawaziyo.
Lokhu kushiwo nguMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa izolo, ngesikhathi eqeda ukugomela iCovid-19 esibhedlela eKhayelitsha.
URamaphosa noNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize babe sethimbeni lokuqala eligonywe ngomgomo weCovid-19 okhiqizwe yiJohnson&Johnson. Iqoqo lemigomo ewu-80 000 lifike kuleli ngoLwesibili.
URamaphosa uthe ukugoma kuyashesha futhi akubuhlungu .
"Nginethemba lokuthi uhlelo lokugoma luzohamba kahle kungabi nazihibe nokuthi sizokwazi ukugoma abantu abangu-40 million, ukuze sikwazi ukuvikela bonke abantu kulolu bhubhane. Asibeseke abasebenza emkhakheni wezempilo sibethembe ngomsebenzi wabo," kusho uRamaphosa.
UDkt Mkhize uthe yena oke awasebenzise amakhambi esintu uyazi ukuthi umuthi uqale usetshenziswe ngumnikazi wawo ngaphambi kokuthi awunikeze isiguli.
"Akungikhathazi ukuthi kube yimi okumele ngibe seqhulwini labazogonywa kuqala. Umphakathi awukhululeke lo mgomo usuhloliwe, uphephile, uyakwazi ukuvikela igciwane lakuleli i501Y.V2. Bonke abazogoma bazolokhu beqashiwe kubhekwa ukuthi akukho yini okunye okubaphatha kabi obekungaziwa. Ngibonga kakhulu ithimba ebelingasabuthi qothu ubuthongo, lenza isiqiniseko sokuthi lo mgomo ufika ngesikhathi ngemva kokuthi siphoxwe yimiphumela ye-AstraZeneca," kusho uDkt Mkhize.
Uthe akukho ukuphazamiseka okuzoba khona ohlelweni obelwenziwe phambilini. Uqhube wathi abazisoli ngokuthi ba-ode i-AstraZeneca, kuqala okuthe isikuleli kwavela ukuthi ayilivikeli igciwane lakuleli.
" Sayi-oda kuqala ngoba sazi ukuthi maningi amazwe azoyi-oda. Lo mgomo sizowunika i-African Union, iwudayisele lawo mazwe awudingayo. Angu-25 amazwe ase-Afrika afuna ukuwuthenga. Ngamampunge ukuthi sizonikela ngawo noma sizowudayisa ngemali ewuhhafu. Amazwe asenyakatho nasempumalanga ye-Afrika, awanalo lolu hlobo lwegciwane elikuleli, ngakho kubona uyasebenza njengoba usebenza emazweni amaningi omhlaba," kugcizelela uDkt Mkhize.