IQALE phansi inkinga yokungaqoqwa kukadoti eMlaza njengoba izakhamizi zaleli lokishi zithi sekuphele isonto udoti ungathathiwe.
Izakhamizi zithe zixakekile ukuthi awuqoqiwe ngani ngoba sekunesikhathi eside bagcina ukubhekana nale nkinga kwazise beseluhamba kahle uhlelo lokuthuthwa kukadoti.
Isolezwe lithole ukuthi osonkontileka abancane abaholeliwe imali yabo yokuqoqa udoti yingakho bengawuthathi udoti wezakhamizi zaseMlaza.
Osonkontileka abancane abakhulume neSolezwe kodwa abangathandanga ukudalulwa bathe bazoze bawuqoqe uma sebekhokheliwe ngoba abakwazi ukusebenza belambile nabo kufanele bondle imindeni yabo, bakhokhele nezingane ezikoleni.
Esitatimendeni abophiko lwezokuxhumana kuMasipala weTheku bacele izakhamizi zaseMlaza ukuba zingawukhiphi udoti emizini yazo kodwa ziwugcine ngaphakathi kuze kube luqala phansi uhlelo lokuwuqoqa.
“Siyacela abantu bangawukhipheli emgwaqeni udoti kuze kube siyabazisa. Ukungaqoqwa kukadoti kuqalwe yizimo ezingaphezu kumasipala nosonkontileka (main contractor). Umasipala unomhlangano nosonkontileka ukuze uze nesixazululo salolu daba,” kusho abakwamasipala esitatimendeni.
Njengamanje umasipala uthe uqoqa udoti osuvele ubekiwe emigwaqeni ngamaloli awo.
“Sizozazisa izakhamizi zaseMlaza uma sekuqala ukuqoqwa kukadoti, okwamanje siyacela ziwugcine emagcekeni azo. Siyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka kokuqoqwa kukadoti,” kusho abakwamasipala esitatimendeni.