USEKHIPHE umehlokaboni kaR30 000 ukuze athole i-laptop yakhe enomculo omusha uL’vovo Derrango ovuke ekuseni izolo imoto yakhe ishaywe iwindi kwebiwa izimpahla zakhe.
UL’vovo uthe ubepake kwakhe eManor Gardens, eThekwini wangena endlini walala ngabo-11 ebusuku.
“Ekuseni ngitshelwe womakhelwane ukuthi kushaywe iwindi elincane nelikhulu ngemuva komshayeli,” kusho uL’vovo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMayville aphenya icala lokuntshontsha emotweni.
“Kusolwa ukuthi umgilwa upake emgwaqweni eManor Gardens ebusuku. Ekuseni ngabo-7.30 ubone ukuthi iwindi lemoto yakhe lishayiwe. Kuthathwe i-laptop, ijakhethi nezinye izinto. Uphenyo lusaqhubeka,” kusho uGwala.
IMOTO kaL'vovo, iVW Polo, eshaywe yizigebengu zantshontsha obekuphakathi
UL’vovo uthe kuthathwe isub-woofer, amplifier nejakhethi.
“Anginankinga ngezipikha nejakhethi kodwa ngikhala nge-laptop yami iMacBook enomculo wami njengoba ngikhipha ngenyanga ezayo. Bekunezingoma engingakaqedi ukuzenza futhi bengingazikopishanga ngazibeka eceleni ngoba bengisazihlanganisa. Kumele ngiqale phansi kodwa nginethemba lokuthi ngizoyithola,” kusho uL’vovo. Uthe uzimisele ngokuthi i-albhamu yakhe iphume ngenyanga ezayo okuyinyanga azalwa ngayo lapho ezobe ehlanganisa iminyaka engu-39.