UNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, uthe inqwaba kusamele bayicubungule ukuthi ikuleli ngokusemthethweni yini noma ikuleli ngokungemthetho.
Image: Sigciniwe
BAGCWALE amahlathi abokufika abasebenza kwenye yamafemu eStanger, kugasela amaphoyisa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal nabaseMnyangweni wezaseKhaya bezofuna amaphepha okuba kuleli. Abevile ku-50 zibakhalele kanti abanye kusacutshungulwa ukuthi ngabe bakuleli ngokusemthethweni.
UMkhuzi wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe kuboshwe laba bokufika abebengenazo izimvume ezisemthethweni zokuba kuleli.
Uthe njengoba besebenza noMnyango wezaseKhaya ubazisile ukuthi abevile ku-50 bakuleli ngokomgunyathi.
"Kuyakhathaza ukuthi umthetho uphulwa osomabhizinisi abazi umthetho. Sizoqhubeka nokubopha abakuleli ngokungemthetho," usho kanje.
Uthe obunye ubugebengu obandile wukweba ezitolo okusho ukuthi abantu abasuke bezama ukuphila.
UNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, uthe inqwaba kusamele bayicubungule ukuthi ikuleli ngokusemthethweni yini noma ikuleli ngokungemthetho.
"Izinkumbi zabantu besifundazwe azisebenzi ekubeni kunenqwaba yabantu bokufika abasebenza ngokungemthetho. Sisazohambela nezinye izindawo, siyeza ukuzobafuna, uma sesifika sibopha osomabhizinisi ngoba kuyicala ukuqasha abantu abakuleli ngokungemthetho," kusho uNtuli.
Uthe ngesikhathi befika kule femu, kunabanye abagcwale amahlathi bebalekela ukuboshwa.
Uveze ukuthi abakuleli ngokungemthetho bazobuyiselwa emazweni abo.
"Umnikazi wefemu uthe yena wazi ukuthi bakuleli ngokusemthethweni. Uma kungukuthi ubaqashe azi ukuthi abanamaphepha, uzoba senkingeni," kusho uNtuli.
Related Topics: