INTATHELI YESOLEZWE
ABAPHATHI bezindawo zokuzivocavoca, nabaqeqeshi bokuzivocavoca behlele ukwenza imibhikisho namhlanje ngokuvalwa kwenzindawo zokuzivocavoca njengoba izwe lisabhekene nothanqa.
Sekuphele izinyanga ezine izwe lakuleli lahlaselwa yiCovid-19.
Imiboniso yokubhikisha ehlelelwe ukuthi iqhubeke namhlanje kusukela ngo 12:00 kuya ku 14:00 ntambama izobe iholwa abenhlangano i-Fit SA ababhekele bonke abezindawo zokuzivocavoca.
Okhulumela abe Fit SA, uMnuz Grant Ausitn uthe, “Sifuna ukugqoka izimpahla zethu zokuzovocavoca siveze ukuthi siyabeseka abantu abafuna ukuzivocavoca. Singathanda ukuthi bashaye ama-hooter ngo 13:00 imizuzwana engu-5,” usho kanje.
Engxoxweni ne-eNCA abanikazi bezindawo zokuzivocavoca baveze ukuthi sebekulungele ukwamukela abantu abafuna ukuzivocavoca. Bathe bayaxhumana nohulumeni ngokuvulwa kwemboni yabo njengoba sebethule izethulo ngezindlela abazoqinisekisa ngazo ukuphepha kwabazivocavocayo ezindaweni zabo.
Oyedwa wabakhulume nalesi siteshi ucashunwe ethi abantu bagxile kakhulu ekutheni abantu bangaba sengcupheni yokutheleleka ngeCovid-19 kodwa abawunaki umthelelo.
Emasontweni amabili edlule indawo yokuzivocavoca ebalwa neziphambili kuleli iVirgin Active behlise umholo wabasebenzi ababalelwa ku-3 000 ngo-75%.
Le mboni iqashe abantu abawu-29 000 kanti kunezinkampani zokuzivocavoca ezibalelwa ku-1 096 kuleli. U-80% wazo kubikwa ukuthi zingase zivalwe ngenxa yokushayeka ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.