ABAZALI besikole samabanga aphansi eLovu bathi bazoqhubeka nokubhikisha uma uMnyango wezeMfundo ungamxoshi uthishanhloko obambile, abamsola ngokungaphathi kahle isikole.
Kusukela ngoMsombuluko abazali base-Andrew Zondo Primary babhikisha ngaphandle kwesango lesikole, bakhala ngokuthi abamfuni uthisha obambe emuva kokushona kukathishanhloko ngo-Ephreli. Lo thisha wesifazane Isolezwe elinalo igama lakhe, kuthiwa ubevele eyiphini likathishanhloko ongasekho uMnuz Sihiya, igama lakhe elingatholakalanga. Kuthiwa lo thisha ongafunwa uke wabamba ngesikhathi kugula uSihiya, abazali abakhala ngokuthi izinga lokuphasa lehla ngaleso sikhathi. Bakhala nangokuthi kuningi osekushintshile kusukela ebambile, okubalwa nokumisa abahlanza isikole. Kuthiwa abafundi yibona asebehlanza ngisho amathoyilethi esikoleni.
Izolo abazali baphindelile ukuyoqhinqa emasangweni esikoleni, kwaze kwabizwa amaphoyisa azoqapha isimo.
Ongusihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz Thami Magubane uthe abakuphaza-misanga ukufunda ngoba babhikisha ngaphandle kwesango.
“Kuningi esingakuthandi ngebamba likathishanhloko. Kunamaphepha esikole alahlekile selokhu eqalile ukubamba. Kuduke ngisho amabhuku amasheke esikoleni,” echaza
UMagubane uthe akusebenzeki nalo thisha amsola ngokungahloniphi abazali nangendlela akhuluma ngayo. Uveze nokuthi lo thisha usebhalele umnyango ethi akakwazi ukusebenza kahle esikoleni ngoba kudliwe imali.
“Naye uke waphatha isikole ngesikhathi ebambile, kumele ngabe uyazi ngokulawulwa kwesikole njengoba esekhala ngokudliwa kwezimali. Sibona ukuthi uyahluleka zisuka nje ukuphatha
isikole. Ngeke siyeke ukubhikisha, sifuna abomnyango bamlande bahambe naye,” kusho uMagubane.
Uthe bahlakazwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko bebhikisha ngaphandle kwesango. NgoMsombuluko kuthiwa ubengekho uthisha obhikishelwayo kodwa izolo ufikile ngoba bekugade amaphoyisa esikoleni.
Okhulumela umnyango esifundazweni uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe abahambisani nokugxambukela kwanoma iziphi izinhlaka zomphakathi esikoleni ngoba kuphazamiseka ukufunda. Unxuse ukuthi abanezikhalo balandele imigudu efanele ukuze udaba lulungiswe.