Sabelo Nsele
ABAYIZWA eyokuhlanganiswa kwewadi yabo nelaselokishini abahlala eMpumuza, eMgungundlovu ngoba basabela ukuthi kungagcina kubaphoqa ukuthi bangangcwabeli emakhaya.
Simazonzo isimo endaweni emva kokuvela kwezindaba zokuthi ingxenye yale ndawo engaphansi kwenkosi uMnuz Nsikayezwe Zondi, isizoba ngaphansi kwewadi eyodwa nelokishi, lakwaCaluza.
Ngokwemiklamo emisha yamawadi emenyezelwe yiMunicipal Dermarcation Board, ingxenye yakwaMpumuza enabavoti abangaphezu kuka-900, isizokuba ngaphansi kukawadi 20, okuyilokishi laseCaluza.
Lesi sigceme besingaphansi kukawadi 1, ohlanganiswe yizindawo zamakhosi iLaduma, Komkhulu, Phayiphini nezinye.
Ngempelasonto umphakathi ube nemibhikisho ehlukene nemihlangano okuyilapho uvumelene ngokuthi ngeke uvume ukuhlanganiswa nelokishi.
UMnuz Sinqobile Mkhize ongumgcinimafa we-ANC Youth League, uthe umphakathi ucasulwe wukuthi awaziswanga ngaphambi kokuthi kuthathwe lesi sinqumo.
“Ukube sasithintiwe, sasizobatshela ukuthi asihambisani nale nto ngoba lezi zindawo abafuna ukuzihlanganisa azifani. Thina singaphansi kwamakhosi, singcwabela emakhaya. Umbuzo uthi kungabe sisazoqhubeka sivumeleke nokungcwaba emakhaya, uma sesingaphansi kwelokishi?”
UMkhize uthe okunye okufaka itwetwe amalungu omphakathi wukuthi kungenzeka bazithole sebekhokhela ama-rates uma sebengaphansi kwelokishi. Uthe sebephume umkhankaso wokusayinisa amalungu omphakathi incwadi ephikisana nalesi sinqumo. Elinye ilungu lomphakathi uMnuz Sigonyela Mzolo, lithe ukuhlanganiswa noCaluza kunganomthelela ongemuhle.
“Sithanda ukuxolisa kuleyo ndawo, abahambe bayophathana bodwa, thina asiphumeleli. Thina singabakaNsikayezwe (inkosi). Sizongcwatshelwa emakhaya, ngeke usihlanganise nabangangcwabeli emakhaya,” kusho uMzolo.
Okhulumela iMunicipal Demarcation Board uNksz Barileng Dichabe, uthe ngenxa yokubheduka kweCorona, zonke izigcawu zokuphawula komphakathi ngokuklanywa kabusha kwamawadi, zenziwa ngezindlela ezehlukene zokuxhumana.
“Ziningi izindlela zokuxhumana esazenzayo kubalwa nokukhangisa emisakazweni nasemaphephandabeni. Saze sahlehlisa nosuku lokuvalwa kokuphawula komphakathi ngezinyanga ezimbili ukuze sinikeze amalungu omphakathi ithuba elanele lokuphendula kulesi siphakamiso.”
Uthe abanganeliseki ngalokhu kuklanywa kabusha okusanda kushicilelwa, basangafaka izikhalazo. Ukufakwa kwezikhalazo kuzovalwa ngoLwesithathu.