SEBEFUNA ukulandwa ebusuku bengabonwa muntu abantu asebehaqeke ngeCovi-19 KwaZulu-Natal.
Ngaphandle kokulandwa ebusuku, bafuna izimoto ezibalandayo zipake kude namakhaya abo ukuze abantu bangababoni ukuthi sebehaqekile.
Ubeke kanje uNdunankulu wakulesi sifundazwe ngeSonto uMnuz Sihle Zikalala ngenkathi ekhuluma nabezindaba ngokusha osekwenzekile mayelana nokusuleleka kwabantu ngeCovid-19 kulesi sifundazwe.
“Laba bantu akumele bacwaswe,” kuxwayisa uZikalala.
Uthe kulesi sifundazwe, bangu-457 abasebenzi bakahulumeni asebehaqekile ngaleli gciwane.
NgokukaZikalala, kuzobasiza ukuthi basabalalise imikhankaso yabo ngokuqeqesha abasebenzi bakahulumeni nabezempilo ngeCovid-19.
“Sifuna bonke abahlengikazi babe ngomaqhawe alwa nokusuleleka ngeCovid-19,” usho njalo.
Uzwakalise ukudumala ngokwanda kwesibalo sabahaqekayo kulesi sifundazwe.
NgokukaZikalala, sebengu-112 abantu asebeshonile kulesi sifundazwe ngenxa yeCovid-19 ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, kwazise ngeledlule bebengu-84 abashonile.
“Ngeledlule bebengu-74 othisha nabafundi abahaqwe yileli gciwane. Manje sebengu-187,” uchaze kanje.
Amasonto nemingcwabo uthe kunomthelela kulokhu kukhula kwezibalo.
Mayelana nokuqhubekayo okuthinta abamatekisi ngokulayisha, uthe konke kusingethwe uMnuz Bheki Ntuli onguNgqongqoshe wezekuThutha kulesi sifundazwe, kwazise uNgqongqoshe kazwelonke wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula, uyena ozothula umbiko ophelele ngalokhu.
Uthe njengoba kuzoqala inyanga yamadoda uJulayi, ufisa ukubona umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukhula kakhulu kunakuqala.
Mayelana nezomnotho, uthe bawuvulile, okubalulekile ukulandela imibandela yokuphepha yeCovid-19.