Izakhamuzi zakuleli zibambe umugqa wokuhola imali yesibonelelo sabangasebenzi i-R350. Isithombe. Leon Lestrade. African News Agency/ANA.
BONISWA MOHALE
IZINHLANGANO ezifuna kube nesibonelelo sabangasebenzi zigqugquzele uhulumeni ukuba angalindi kuze kushaye uMashi wonyaka ozayo ngaphambi kokuthatha isinqumo ngalolu daba.
Lezi zinhlangano okukhona kuzo iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), Institute for Economic Justice (IEJ), Black Sash, Studies in Poverty and Inequality Institute (SPII), Amandla.mobi ne #PayTheGrants, zikholwa wukuthi uhulumeni uzokwazi ukuholela abantu isibonelelo sabangasebenzi.
Zithe ziyasamukela isinqumo sokululwa kwesibonelelo sikaR350 kuze kube wuMashi kodwa kufanele uhulumeni agcine eholela abangasebenzi isibonelelo okungenani esizoba wuR624 ngenyanga.
UNksz Rachel Bukasa onguMqondisi kwiBlackSash, uthe lukhona ucwaningo olwenziwe olukhombisa ukuthi uhulumeni uzokwazi ukuholela abangasebenzi isibonelelo.
Ubalule ukuthi uhulumeni angaqala ngokwethula intela yezicebi ukuze abantu abawu-10.3 million abahlomula kwisibonelelo sikaR350 bathole isibonelelo sabangasebenzi.
Uthe akakholelwa ukuthi intela ezoshaya wonke umuntu njenge-value added tax ekhokhwa ngabantu uma bethenga kufanele inyuswe ngoba izwela kakhulu kwabampofu.
UMnuz Zwelinzima Vavi onguNobhala weSaftu, uthe uhulumeni unayo imali yokuholela abangasebenzi isibonelelo.
Uthe uR350 mncane kakhulu ngakho uhulumeni kufanele aqale ngohlelo lwentela yabacebile.
“Akulona iqiniso ukuthi izigwili azifuni ukukhokha intela, zize zazicelela ukuba zikhokhiswe intela kwiWorld Economic Forum. Ngokocwaningo olwenziwa yi-International Monetary Fund (IMF) iNingizimu Afrika ikleliswe yaba yizwe lesithupha kwacebile emhlabeni. Izicebi zenza u-1% wabantu bakuleli. Kufanele zikhokhiswe intela futhi ziningi ezinye izindlela uhulumeni esamtshela zona ezizokwenza akwazi ukuholela abantu isibonelelo sabangasebenzi,” kusho uVavi.
Uthe izinhlangano ezilwela ukuthi kuhlelwe isibonelelo sabangasebenzi ziyaqhubeka nocwaningi nomkhankaso wazo.
Ugqugquzele uhulumeni ukuthi abheke lolu cwaningo ukuze akwazi ukuthatha isinqumo emuva kwezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha.
Uphethe ngokuthi iNingizimu Afrika ingafunda nakwamanye amazwe aholela abangasebenzi isibonelelo ukuthi ingakwenza kanjani lokhu.
Ukhale ngokuthi bangaphezu kuka-12 million abantu abangasebenzi ngakho kuyadingeka ukuthi uhulumeni eze nesibonelelo sabangasebenzi abaneminyaka ewu-18 kuya kwengu-59.
ISaftu ifuna abangasebenzi bathole isibonelelo esiwu-R1 500 kodwa ezinye izinhlangano zithi uhulumeni angaqala okungenani ngoR624 ngenyanga bese eyinyusa kancane kancane.