Izindaba

Bafuna ubulungiswa osomabhizinisi baseMlaza ngesikhumulo sezindiza esidala

Nkosikhona Cele|Published

OSOMABHZINISI benkampani Amabhubesi Holdings okunguMnuz Kwazi Mbili nozakwabo uMnuz Ngcebo Xulu

Image: SITHUNYELWE

BAKHALA ezimathonsi osomabhizinisi baseMlaza ngabakubiza ngokunyundelwa emsebenzini wokuthuthukiswa kwesikhumulo samabhanoyi esidala esiseReunion okungumesebenzi abathi babenikezwe wona yinkampani yakwaTransnet. Lesi sikhumulo samabhanoyi ngaphambilini sasikade sazwa ngokuthi yiLouis Botha Airport.

Uveze ukuthi babenombono ojulile wokuthuthukisa le ndawo ngemali eshisiwe. UMnuz Kwazi Mbili wenkampani yezokwakha ebizwa ngokuthi Amabhubesi Holdings utshele Isolezwe Ngempelasonto ngezingqinamba ezehlukene eziholele ekutheni lo msebenzi ugcine sewunikezwa abanye abantu.

Uthe babekade befake isicelo ngo-2016 kwabakwaTransnet sokuthi bathathe leya ndawo bayenze isikhungo esingcono ukuze kuzophela nesiminyaminya kuyona.

"Basinekeza leyo mvume base bethi masiqale senze ucwaningo olunzulu olumayelana nokuthi ngabe loya mhlaba usangasebenziseka yini ngale ndlela esiyifunayo,'' echaza.

Uthe kodwa ukudla kushintshile epuletini ngesikhathi sekuthushuka inkampani iSea World sekuba yiyona esebenzayo kuleya ndawo.

"Sazibuza saziphendula ukuthi kwase kusebenza enye inkampani ekubeni bekuvunyelwene nathi,'' usho kanjena.

Uveze ukuthi abakwaSea World babekade benombono ohlukile ngoba babefuna ukwenza esinye isikhumulo samabhanoyi kuleya ndawo.

"Kodwa bathe uma sebenikezwe igunya bamane bangenza lokhu abavumelane ngakho neTransnet njengoba benza okunye okungavunyelwananga ngakho,'' usho kanje.

Uthe iTransnet ibe isethatha isinqumo sokuhoxisa isivumelwane nabakwaSea World okugcine ngokuthi abakwaSea World bamane baluyise enkantolo lolu daba.

UMbili osemnkantshubovu kwezamabhizinisi uthe wafikelwa umbono wokuthuthukiswa kwale ndawo ngoba ehlose ukuthi kugcine sekudaleka namathuba omsebenzi kubantu bendawo.

Uthe akazi ukuthi kwajika kuphi njengoba bagcine sebeshaywa ngesithende nje.

"Ngo-Agasti 19 ngonyaka owedlule sike sahlangana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo KwaZulu Natal, uMfu Musa Zondi ngenhloso yokubhunga kabanzi ngalolu daba,'' usho kanjena.

Uveze ukuthi kuthe ngoSepthemba wangonyaka owedlule baphinde bahlangana nenhloko kulo Mnyango uMnuz Archie Khumalo owasibonisa ngokuthi lolu daba masiluthathe silidlulisele ehhovisini likaNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli.

UMnuz Ngcebo Xulu naye osenkamopanini yamaBhubesi uthe ngeke baze baphele amandla bafuna ubulungiswa ngokunyundelwa kwabo ekubeni kwase kukhona isivumelwano nabakwaTransnet.

Loyo okhulumela iTransnet uMandisi Mzizi ephundula iphephandaba eliwuzakwabo weSolezwe Ngempelasonto iDaily News uthe bayasazi isikhalazo senkampani Amabhubesi. Uthe akukho okuningi abangakuphawula njengoba lolu daba selusenkantolo.