Izindaba

Bafuna ubulungiswa ngokuthiwa ubulawe amaphoyisa

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI, uMnuz Xolani Thokozani Masondo okuthiwa udutshulwe wabulawa amaphoyisa Isithombe: SITHUNYELWE

UFUNA kwenzeke ubulungiswa umndeni wowesilisa waseMandlanzini, ePhase 7, eMpangeni, okuthiwa udutshuwe wabulawa amaphoyisa aseRichards Bay ngeSonto.

Ilungu lomndeni elalikhona ngesikhathi kuhlaselwa umufi, uMnuz Xolani Thokozani Masondo (26), elicele ukungadalulwa lithe, amaphoyisa amhlasela egcekeni lakubo umufi.

UMUFI, uMnuz Xolani Thokozani Masondo okuthiwa udutshulwe wabulawa amaphoyisa Isithombe: SITHUNYELWE

Lilandisa Isolezwe lithe ngosuku lwesigameko, umufi wayehamba nomfowabo ayiwele naye ngesikhathi behlaselwa amaphoyisa ayebalandela.

“Lithe kwathi uma bepaka egcekeni, amaphoyisa apaka eduze kwabo, angabuza lutho, abashaya. Athe esuka abafaka i-pepper spray, emva kwalokho adubula umufi.

Lithi athi uma eqeda ukwenza lokho asuka ahamba.

Liveze ukuthi basala bazama ukuphuthumisa umufi emtholampilo waseNseleni kodwa endleleni, babona kufanele ukuthi bayobika khona esiteshini samaphoyisa eRichards Bay.

“Safica wona amaphoyisa athintekayo nozakwabo, basixosha,” kusho ilungu.

Lithi badlulela emtholampilo nokwathi emva kwemizuzu engu-30, batshelwa ukuthi umufi usethule.

Lithi kwathi uma bebuyela ekhaya, bafica sekugcwele inqwaba yamaphoyisa, abatshela ukuthi abizwe ozakwabo, abawatshele ukuthi bayahlaselwa.

Liveze ukuthi babuza umbuzo othi, baphi ozakwabo abakhuluma ngabo, bangayithola impendulo.

“Kunzima. Kumuncu ngisho emndenini, umuntu ebulawa egcekeni kubo ngaphandle kokuchazelwa ukuthi iliphi icala alenzile. Sifuna ubulungiswa ngoba akuhambi kahle, ukuthi umuntu angazobulawelwa kubo ngaphandle kwesizathu,” kusho ilungu.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uLizzy Suping uvumile ukuthi udaba bayalwazi. Wathi uphiko lwabo oluzinze eRichards Bay luphenya icala lokubulala.