AMAPHOYISA asePort Shepstone, acela umphakathi ukuthi uwalekelele ekuthungatheni owesilisa athemba ukuthi angawasiza ekuxazululeni udaba lokubulawa ngesihluku kwesalukazi esino-85.
Sekukhishwe incwadi egunyaza ukuthi kuboshwe uMnuz Richard Khawula (47), okuthiwa wagcina ukubonakala ngoSepthemba 8 nonyaka.
Lolu wusuku okwabulawa ngalo isalukazi esasineminyaka ewu-85, kuthiwa isidumbu saso satholakala simuhluzwe ngesando sagwazwa kanzima eNyavini, eMsinsini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uKhawula wagcina ukubonakala ngalolu suku esendleleni elibangise ePinetown.
“Wayegqoke isikibha esinemigqa ephuzi, ibhulukwe eli-navy nezimbadada,” kusho uMbele.
UMbele ucele umphakathi ukuthi uma umbona uKhawula noma unolwazi lokuthi angatholakala kuphi, usize uthinte uConstable Werner Botha kule nombolo : 039 699 1600 noma kwethi: 073 036 3498.
UCol Mbele uthe bangashayela nakwaCrime Stop kule nombolo ethi: 08600 10111.