ABAMELI bowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, bafuna kuhlehle ukulalelwa kwecala lenkohlakalo nokukhwabanisa abhekene nalo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Leli cala kufanele liqale ukulalelwa namhlanje lapho uZuma bekulindeleke ukuthi enze izethulo zokuthi kushenxe umshushisi omkhulu kulo, u-Advocate Billy Downer.
Kepha abameli bakhe sebefake isicelo sokuthi kuhlehliswe ukulalelwa kwecala.
Leli thimba labameli lifuna kuhlehliswe ngesonto ukulalelwa kwaleli cala ngenxa yezibhelu ezigubezele izwe nokuthi kabahambisani nokuthi icala lilalelwe kusetshenziswa ezokuxhumana ngobuchwepheshe.
Encwadini efungelwe, ummeli kaZuma, u-Advocate Mondli Thusini, uthe izibhelu ezibheduke ezweni emasontweni amabili edlule, zenze bangakwazi ukubonana noZuma ukuze balungiselele ukuqala kokulalelwa kwecala.
UZuma wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela emva kokuzinikela emaphoyiseni ngoJulayi 7 njengoba edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Kusukela uZuma azinikela emaphoyiseni, kube nezibhelu ezihambisana nokuzitapela nokucekelwa phansi kwempahla KwaZulu-Natal naseGauteng.
“Emva kokuboshwa kukaZuma, asikwazanga ukubonana naye kwaze kwaba nguLwesine lwangesonto elidlule, ngenxa yemibhikisho,” kusho ummeli kaZuma.
UThusini uthe abahambisani nokuthi leli cala lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe, bafuna uZuma azifikele mathupha enkantolo.
Uthe uZuma usinqabile isiphakamiso sokuthi icala lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe ngesikhathi bexoxa naye ngoLwesine.
“UZuma ufuna ukuzifikela mathupha enkantolo, ufuna ukwethula ubufakazi kulesi sicelo asifakile.”
Nenhlangano yakhe, iJacob Zuma Foundation, ithe ayihambisani nokuthi leli cala lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
Esitatimendeni, le nhlangano ithe ikhathazekile ukuthi isinqumo senkantolo, sokuthi leli cala lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe, asihambisani nomthetho olawula ukuqulwa kwamacala ezobugebengu.
“Umthetho ukubeka kucace ukuthi ummangalelwa kufanele abe khona mathupha enkantolo uma kuqulwa icala. Akufanele leli cala lilalelwe kusetshenziswa ezokuxhumana, okungcono alihlehliswe kulindwe isimo size sithi ukudamba ezweni,” kusho le nhlangano.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority, u-Advocate Mthunzi Mhaga, uthe leli cala lizoqhubeka lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe ngezizathu zokuphepha nokulandelwa kwemithetho ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane i-corona.
UMhaga uthe bazosiphikisa isicelo sikaZuma sokuthi kushenxe uDowner.