Abe-C19 People's Coalition Cash Transfers Working Group, Black Sash and ne-Institute for Economic Justice, bathe ukwelulwa kwesibonelelo sabangasebenzi kukhipha inyumbazane abahola ezinye izibonelelo ikakhulu abesifazane.
IZINHLANGANO ezisiza umphakathi zithi uhulumeni kufanele alule isikhathi sokuholwa kwazo zonke izibonelelo, ikakhulu esezingane.
Ngesonto eledlule uMengameli Cyril Ramaphosa, umemezele ukuthi isibonenelo sikaR350 esiholwa abangasebenzi, sizoqhubeka izinyanga ezintathu.
Abe-C19 People's Coalition Cash Transfers Working Group, Black Sash and ne-Institute for Economic Justice, bathe ukwelulwa kwesibonelelo sabangasebenzi kukhipha inyumbazane abahola ezinye izibonelelo ikakhulu abesifazane.
Lezi zinhlangano ziveze ukuthi nabanye kufanele bahole lesi sibonenelo singabhekeli abangasebenzi kuphela ngoba iningi labantu baseNingizimu Afrika limpofu. Zithe kufanele sinyuke sibe wuR585 ngenyanga hhayi uR350.
Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni amabili edlule lezi zinhlangano zibhalele uMengameli incwadi noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Lindiwe Zulu noMnyango weziMali, zicela ukuthi uhulumeni alule isikhathi sokuholwa kwazo zonke izibonelelo, afake nochatha kuzo. Zithe uhulumeni unayo imali yokunyusa izibonelelo zezingane, ezabanakekela abantu nazo zonke ezinye.
Uma abantu bengaholelwa uR585, ngonyaka kungadla uhulumeni phakathi kukaR45 billion noR75 billion. Lokhu kungashintsha impilo yabantu abawu-8 kuya ku-11 million abampofu eNingizimu Afrika.
UNksz Sandy Godlwana obhekelele ezokukhangisa nokuxhumana kwaSassa KwaZulu-Natal, uthe asikho isidingo sokuya emahhovisi akwaSassa ukuze abangasebenzi bafake isicelo.
Labo abasiholayo njengamanje abadingi ukufaka isicelo kabusha. Uthe labo abachithwa kwisibonelelo sabangasebenzi bangafaka isicelo sokuthi sibuyekezwe kabusha isicelo sabo. Uveze ukuthi bathole izicelo ezingaphezu kuka-9.6 million kusukela ngoMeyi 2020.
Sebekhokhe ngaphezu kukaR16 billion ngalesi sibonelo.