Izindaba

Bafuna kusukunyelwe usizi lwamanzi nemigwaqo eBaqulusini

Nokubongwa Phenyane|Published

UMNUZ Khehla Mkhwanazi oyiMeya yaseBaqulusini othi isimo esibi semigwaqo kanjalo nesamanzi yizona izinto okumele bazibheke kakhulu uma bengena onyakeni omusha wezimali. Uphinde wathi okunye abazokusukumela ukuzenzela kwabasebenzi abenza umathanda ngesikhathi somsebenzi

Image: Sithunyelwe

BAKHALA ngosizi lokungabibikho kwamanzi kanye nesimo semigwaqo ezindaweni eziningi kuMasipala waseBaqulusini, eVryheid, abathi nakanjani kumele kulungiswe kulo nyaka omusha wezimali.

Lokhu kushiwo yizakhamuzi ebezithamele isabelo sentuthuko edidiyelwe, ebesibanjelwe ehholo lomphakathi eMondlo Kwa-A.

Umkhandlu uqale ukuhambela imiphakathi ehlukene kusuka ngoLwesihlanu njengoba uye emphakathini waKwaKhambi naseShoba. Kuyona yomibili le mihlangano kukhalwe kakhulu ngesimo semigwaqo.

UNkk Senzeni Mjiyakho waseMondlo, uthe imigwaqo abebenayo eMondlo ibisesimeni esikahle kodwa yakhahlanyezwa yimvula.

"Imigodi egcwele lana elokishini ishayisa ngamahloni. Osekukuningi yimigodi kunomgwaqo, abayisukumele le nto njengoba kuyiyona emibi nesimo samanzi sona esisikhahlameza usuku nosuku. Uzwa kuthiwa kulungisiwe, aphume kodwa aphinde ahambe futhi ngenxa yengqalasizinda esindala okumele ilungiswe," kuchaza uNkk Mjiyakho.

UMnuz Sizwe Khanyile, uveze ukuthi nabo abakwazi ukuphuma ngezimoto ezincane uma linile futhi nendaba yokungabi nawo amanzi iyabahlukumenza.

UMPHAKATHI waseMondlo elokishini lakwa-A okhala ngesimo semigwaqo nokungabi namanzi njengoba bekunohlelo lokwethulwa kwesabelo sentuthuko edidiyelwe izolo

Image: Sithunyelwe

"Sicela amanzi emphakathini, angisayiphathi eyemigwaqo iyasihlukumeza kakhulu, siyabona nathi izulu lina njalo lana. Alipheli isonto izulu linganile, okwenza izimoto zikhahlamezeke. Umasipala uma ungasukumela lezi zinto zombili isimo singaba ngcono.

IMeya yaseBaqulusini uMnuz Khehla Mkhwanazi, ivumile ukuthi eVryheid nasezindaweni ezakhele yona, banenkinga yemigodi emgwaqweni okwenza isimo sayo sibe sibi.

UMkhwanazi uthe bazimisele ukuthi kuleli sonto baqashe abantu abazoqala balungise imigwaqo yize imali bengenayo manje bayoze baqale babakhokhele ngoJulayi.

Ugcizelele ukuthi okunye abazimisele ngakho wukuthi kusukunyelwe udaba lokwandisa izindawo ezibheka izinhlekelele, okuyinto ebaphoqayo ukuthi bayenze.

"Akumele njengabaholi siqhamuke sesithukile ngoba sekwenzeke umonakalo. Lana eMondlo isimo sezulu sibe sibi ngendlela eyisimanga, namanje abantu abadala bangafakaza ukuthi izulu alikaze line ngale ndlela elenza ngayo manje."

Uthe:"Ngokwami ngibona kumele kuqashwe abantu ezindaweni abazoqeqeshwa ukuthi uma kuba nezimo eziphuthumayo kusha imizi noma kuhlasela imvula, bafike ngokushesha kungalindwa abantu abasuka edolobheni eVryheid abafica indlu isishe yaphela. Uhlelo lwe-EPWP bengingafisa ukuthi luphinde lwenziwe lubhekane nezinhlekelele."

Uthe okunye abafuna ukukwenza kuleli lokishi ngenxa yobukhulu balo, wukuthi bakhe ihholo elisezingeni eliphezulu,

Ukhwele wadilika kubasebenzi bomkhandlu athe abanye abafuni ukusebenza, okuyinto okumele bayisukumele.

Uthe abasebenzi bakamasipala kushaya u-12 emini sebehamba nezintombi zabo edolobheni izidingo zomsebenzi zingenziwe.

"Namhlanje ngininika igunya lokuthi uma nibona umsebenzi kaMasipala edakiwe ngesikhathi somsebenzi, ningifonele. Abasebenzi abafiki ngesikhathi emsebenzini, bayajola ngesikhathi somsebenzi, malungu omphakathi ngiyaninxusa ukuthi nisibikele ngabo," kuchaza yena.

Uthe endaweni yaseShoba kuningi okusamele kulungiswe njengoba abantu bakhona bakha endaweni egcwele amanzi, okunzima ukuthi bayisebenze njengomasipala njengoba kusekhona izinkinga ngokwanda kwemizi kuleya ndawo.