BAFUNA kuboshwe umshayeli wetekisi abamsola ngokudala ingozi abomndeni obhubhe ngesikhathi imoto yawo ishayisana netekisi eBhamshela ngempelasonto.
Kule ngozi eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku kushone uMnuz Sphamandla Madlala, ingoduso yakhe uNksz Banothile Jili nendodana yabo uWandile Madlala, obefunda uGrade 5 nengane yakwamakhelwane eneminyaka emine. Bonke laba ngabaseTrustfeed.
Kuthiwa bebephuma ekhweni likaMadlala, beyoshiya izimpahla zesikole zengane yabo ehlala koninalume, bese bebuyela emzini wabo eTrustfeed ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
UMadlala ubeshayela imoto encane abebehamba ngayo kanti kuthe sebeseBhamshela bashayisana netekisi. Umshayeli wetekisi uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibi.
Ngokusho kukamfowabo kaMadlala omdala uMnuz Thulani “Thu” Madlala, bafuna umshayeli wetekisi eshayisane nemoto kamfowabo aboshwe.
“Abafowethu abashayela amatekisi kumele baqikelele emgwaqweni njengoba sithole ukuthi umshayeli wetekisi ubesika endaweni engafanele, ehamba nangesivinini esiphezulu wazithela phezu kwemoto kamfowethu, washona wonke umndeni kamfowethu nengane yakwamakhelwane abebehamba nayo. Njengomndeni sifuna ubulungiswa kuleli cala, sifuna umshayeli wetekisi aboshwe ngokushona kwalaba bantu abane,” kusho uMadlala.
Uthe umfowabo naye oshayela amatekisi eVerulam ubewukhonzile kakhulu umndeni wakhe njengoba bebephuma kohambisela enye ingane yakhe yomfana efunda esikoleni esiseduze koninalume izimpahla zesikole.
“Sishayelwe ucingo sesitshelwa ukuthi balimale engozini. Bebesanda kusuka ekhweni likamfowethu, kutshelwe bona kuqala ngale ngozi nathi sabe sesibikelwa. Namanje kusenzima ukwamukela ukuthi umfowethu uhambe kabuhlungu kangaka nomndeni wakhe ngosuku olulodwa,” kusho uMadlala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe amacala amane okubulala ngokungenhloso. “Kushayisane imoto encane netekisi ngabo-8 ebusuku, kwashona abane. Umshayeli wetekisi ulimalile wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Amaphoyisa aseNsuze aphenya amacala okubulala ngokungenhloso. Imbangela yale ngozi ayaziwa, kusaphenywa,” kusho uCol. Mbele.
Khonamanjalo eCrammond ngaphandle kwaseMgungundlovu kulimale abantu abathathu kulandela ukushayisana kwemoto encane neveni. Le ngozi yenzeke emgwaqweni uR33. Abezimo eziphuthumayo baka-ER24 bathe bafike endaweni yesigameko izimoto zisaphazekile zagcwala umgwaqo. Owesilisa oneminyaka engu-50 kuthiwa kade evalelekile emotweni yakhe. Kusetshenziswe izindlawu ukutakula.
Abalimele balashiwe, baphuthunyiswa ezibhedlela eziseduze.