UBHIKISHE ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa umphakathi waKwaMakhutha izolo ufuna kuboshwe iphoyisa okusolwa ukuthi ladlwengula owesifazane esiteshini ngeledlule.
Yize amaphoyisa ekhiphe isitatimende esiveza ukuthi umsolwa oneminyaka engu-32 oyiphoyisa esiteshini saKwaMakhutha umisiwe emsebenzini kodwa umphakathi ufuna ukuthi angagcini ngokumiswa kodwa aboshwe.
Ikhansela kule ndawo uNkk Puleng Hlomuka, lithe kuyabakhathaza bewumphakathi ukuthi umsolwa usabonakala ngaphandle akakaboshwa.
“ Kungani umsolwa engakaboshwa? Sifuna aboshwe abhekane necala asolwa ngalo,” kusho uNkk Hlomuka.
Ngeledlule kuthiwa umgilwa oneminyaka engu-24 ubesesitolo eyothenga okuthile ngesikhathi behilizisana nomsolwa ogcine esefakwa wumsolwa evenini waya naye esiteshini.
Kusolwa ukuthi ufike wamdlwengulela khona ngaphambi kokumdedela.
Ngaphandle kokuthi umphakathi ufuna kuboshwe umsolwa, ufuna kuphinde kulungiswe indlela yokusebenza kwamaphoyisa endaweni njengoba ukhale ngokuthi isibalo sawo sincane kakhulu.
“Isiteshi sinye kodwa sibhekela ama-ward ayisithupha okwenza kube nzima ukufinyelela kuzona zonke izindawo adingeka kuzo ngesikhathi esifanele. Sifuna andiswe amaphoyisa,” kusho uNkk Hlomuka.
Kukhalwa nangesakhiwo sesiteshi okuthiwa asigculisi.
Umphakathi udlulise incwadi yezikhalo kuGeneral Mgobhozi obesuka ehhovisi lesifundazwe, bamnika umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-14.
Amalungu omphakathi aphoqe ukuthi akhonjiswe incwadi eyalela ukuboshwa komsolwa okugcine sekuphoqa abesiteshi ukuthi ivezelwe umphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, ukuqinisekisile ukumiswa kwephoyisa emsebenzini.
“Icala lobugebengu liphenywa ngabophiko olubhekele ukuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police investigative Directorate (Ipid),” kusho uNaicker.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Khombinkosi Jula, uthe uyayithemba i-Ipid ukuthi izokwenza isiqiniseko sokuthi umsolwa ubhekana nomthetho.
“Siyajabula ukuthi iphoyisa liphinde lathathelwa izinyathelo zangaphakathi. Siyohlale siyixhasa i-Ipid uma kukhona iphoyisa elimangalelwe ngezenzo zobugebengu kwazise akekho ongaphezu komthetho,” kusho uJula.
Okhulumela i-Ipid uNksz Ndileka Cola, uthe i-Ipid iyaliphenya icala.
Lolu phiko lukhiphe inombolo ezosetshenziswa wumphakathi ukumpimpa amaphoyisa aziphatha ngendlela engafanele ethi: 0800 111969.
UNksz Cola uthe le nombolo ngeyamahhala kanti umphakathi uzobika ngqo ngezenzo zamaphoyisa.