UFUNA ubulungiswa umndeni womunye wabalisa ababili abaklajwe bashiswa ngamalungu omphakathi abebasola ngokuba yizigebengu eStanger.
Umndeni kaMnuz Thulubheke Thokozani Mdlalose (29) ufisa ukubona kubakhona ababoshwayo mayelana nokubulawa kwakhe ngesihluku enozakwabo uMnuz Bhekinkosi Mfundeni Msomi (35).
UMdlalose noMsomi babulawe ngoLwesine olwedlule ngabantu okuthiwa babebasola ngokuba ngezinye zezigebengu okuthiwa zihlalise umphakathi lubhojozi ngokuwungenela ezindlini kokunye zize zidlwengule.
Kukholakala ukuthi bashaywa, baklajwa base beshiswa batholakala sebeshonile ngoLwesine ekuseni.
Izolo amalungu omphakathi nabebandla abekhonza kulona uMdlalose bamenzele inkonzo yesikhumbuzo ehholo laseLloyd.
FUNDA: Baklajwe bafa besolwa ngobuphara
Udadewabo, uNksz Wendy Cele (35), uthe namanje akukholakali ukuthi ngumfowabo obulawe ngesihluku esingaka.
UNksz Cele uchaze umfowabo njengomuntu obethula ekhonze ukusebenza nesonto.
Uthe kubo kuseMlaza kodwa ubehlala emzini kamfundisi wakhe eStanger, eNtshawini, ngoba enzela amatoho.
“Kubuhlungu ukuthi ubulewe nokuthi ubulewe kabuhlungu kangaka. Umfowethu ubebamba amatoho njengoba babebuya emsebenzini ngesikhathi bevinjwa abantu ngoba befelwe yimoto eGroutville. Ngiyazibuza ukuthi yini eyayingenza abantu babulale ubhuti wami ngale ndlela abambulale ngayo,” kusho uNksz Cele.
Umndeni kaMnuz Thulubheke Thokozani Mdlalose (29) ufisa ukubona kubakhona ababoshwayo mayelana nokubulawa kwakhe ngesihluku enozakwabo uMnuz Bhekinkosi Mfundeni Msomi (35)
Uthe bafisa sengathi uhulumeni namaphoyisa bangasebenzisana ukulwa nesihlava sokubulawa kwabantu ngalolu hlobo.
UNksz Cele uthe sekuvamile ukuthi abantu bahlangane babe yiqulu bese behlasela abantu bababulale. Uthe kufanele abantu bafundiseke babone ukuthi lo mkhuba awulungile.
Uthe ukholwa wukuthi okunye okwenza abantu benze lokhu ukungasebenzi ngendlela kwamaphoyisa nathe kwenza babone ukuthi abazijezisele kwababasolayo.
UNksz Cele uthe ufisa baboshwe abathinteka ekubulaweni komfowabo noMsomi.
Uthe okunye okubakhathazayo wukuthi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ngoba akusebenzi muntu kubo.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asaphenya mayelana nalesi sigameko kodwa bekungakaboshwa muntu.