KUKHALWE ngobudedengu babahlengikazi kungcwatshwa owesifazane wasoLuphepheni eMzinto ngoMgqibelo, oshone esemtholampilo.
Umndeni kaNksz Thobekile Phungula (26), uthukuthele ngendlela umufi anganakwanga ngayo emtholampilo ePhungashe, okuthiwa walinda i-ambulensi amahora ayisishiyagalombili. Emngcwabeni bonke bakhale ngokunganaki kwabahlengikazi bakulo mtholampilo.
Uyise kamufi uMnuz Mthethiswa Phungula, uthe kubuhlungu ukuthi indodakazi yakhe yashona phambi kwakhe, abahlengikazi abaqeqeshelwe ukwelapha bezivalele kwelinye igumbi.
Uthe naye kuthe esexakekile eyedwa wabiza unogada wayovusa abahlengikazi, asola ukuthi bebelele ebusuku.
“Indodakazi yami yaqalwa ukugula ngoLwesibili ikhala ngokuthi inqanyukelwa umoya.
NgoLwesine ngaqasha imoto sayihambisa emtholampilo. Bayibhalisile bathi bazoshayela i-ambulensi ukuze idluliswe. Bekuyizithuba zabo 2 ntambama sifika emtholampilo. Bekubonakala ukuthi ukugula kuyaqhubeka ngoba kuthe indodakazi iyochama, yawa endleleni. Nalapho onesi abezanga ukuzombheka,” kuchaza uyise.
Sekushaya isikhathi sokuvalwa emtholampilo ngabo 4 ntambama, uthe onesi abebesiza emini bathe abaqhubeke balinde i-ambulensi.
UPhungula uthe bahlale kwaze kwashaya * -10 ebusuku i-ambulensi ingafiki, onesi abasebenza ebusuku bezivalele kwelinye igumbi.
Ebona ukuthi kuyonakala uPhungula wabiza unogada, onesi bafika umufi esembozwe ngengubo.
Uthe onesi bafike bambuka maqede baphindela lapho bebekhona. Uveze ukuthi washayela imoto yezidumbu, i-ambulensi yafika umufi esekade eshonile.
Umfowabo kamufi uMnuz Mboniseni Phungula, uthe bafuna incazelo ephelele ngokufa kukadadewabo. Uthe ukube kwasukunyelwa ukugula kwakhe ubezosheshe aluthole usizo.
Umngcwabo kaNksz Phungula ubuhanjelwe uMnuz Zwakele Mngcwango ongumholi weDA esifundazwe futhi oyilungu lesiShayamthetho. Uthe kukhona owambikela ngalolu daba, emcela ukuthi angenele. Uthembise umndeni ukuthi udaba uzolwethula esiShayamthetho nakuNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni uDkt Sbongiseni Dhlomo.
“Kumele ilungiswe le nkinga ngoba kusengenzeka nakomunye umuntu. Kumele imitholampilo ihlale ikulindele ngisho ebusuku ukubhekana nezimo eziphuthumayo. Kubuhlungu ukuthi lo mndeni wenzelwe phansi ngabantu okuyibona okumele babanakekele,” kusho uMncwango.
Okhulumela uMnyango uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “Sikhathazekile ngokuthiwa kwenzekile futhi sidlulisa ukudabuka ngokudlula emhlabeni kwesiguli. Sesiqalile ukuluphenya lolu daba ukuze kutholakale umnyombo walo, kuthathwe nezinyathelo ezifanele.”