UMNDENI wowesilisa odutshulwe amaphoyisa ngephutha ekade ezobopha isihlobo sakhe ebesifunwa, ufuna ajeze bese uMbuso uwunxephezela ngesenzo sawo.
UMnuz Muzi Mtshali (35) wase-Zaaifoint eMnambithi udutshulwe ngamaphoyisa aseNormandien ngoLwesine washonela endaweni yesigameko.
Kuthiwa amaphoyisa abalekile endaweni yesigameko umphakathi ufuna ukuwadla uwafele ngokudubula umuntu okungesiye.
Ngokusho komfowabo kamufi, uMnuz Thulani Mtshali, umufi ubekubo eplastela ngesikhathi kufika amaphoyisa ayengawufakile umfaniswano ehamba ngezinyawo. Kuthiwa akhiphe izibhamu okwenza umufi nomunye babaleka.
“Amaphoyisa ayezobopha isihlobo sethu ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokweba imfuyo. Owayefunwa wayexova udaka, umfowethu eplastela. Amaphoyisa ayengamazi, amdlula esaxova aqonda kumfowethu nayesebenza naye. Umfowethu wabaleka ebona izibhamu. Amdubula umfowethu ezitshela ukuthi yilo amfunayo. Esedubulekile umuntu owayehamba namaphoyisa ezokhomba wawatshela ukuthi adubule umuntu okungeyena. Kuqale lapho umsindo umphakathi usudiniwe, amaphoyisa abaleka,” kusho uMtshali.
Uthe bafuna amaphoyisa ajeze futhi banxeshezelwe njengomndeni.
“Umfowethu unezingane ezincane nengoduso abeyembesa ngoJanuwari 1 nonyaka. Bonke laba bantu bebondliwa uyena,” kusho uMtshali.
Isolezwe lithole ukuthi kuboshwe amaphoyisa amabili angoConstable ngecala lokubulala. Avelile enkantolo yaseMnambithi ngoLwesihlanu.
Aphume ngebheyili, icala lizobuyela enkantolo ngo-Febhuwari 25 nonyaka.
Okhulumela uphiko oluphenya amacala enziwe amaphoyisa i-IPID uMnuz Moses Dlamini ethintwa ngalolu daba uthe usacele umbiko ophelele ehhovisi labe-IPID eKZN ukuze ezokwazi ukuphawula. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphawuli.