I-IFP ithi sesifikile isikhathi sokuthi kudayiswe umunxa weSouth African Airways (SAA) emuva kokuthi imise ukuhamba kwamabhanoyi awu-19 izolo ngenxa yokungabikho kwemali.
I-SAA isalinde ukutakulwa ngoR2 billion wuhulumeni ukuze ibhekane nezindleko zayo zikaFebhuwari.
Amanye amabhanoyi azomiswa kuze kube wuLwesihlanu iSAA isalinde imali kuhulumeni.
Okhulumela i-IFP kwezamabhizinisi kahulumeni ePhalamende, inkosi Mzamo Buthelezi, uthe kufanele kudayiswe umunxa we-SAA ukuze amabhanoyi ezoqala ahambe.
Uthe ukutakulwa kwe-SAA wuhulumeni kufana nokumosha imali yabakhokhi bentela ngoba inkinga iqale ngokuthi ihluleke wukuphatha imali nokuhlela ukusebenza.
“Kudala uhulumeni emosha imali etakula iSAA. Siyathemba izinhlelo zeBusiness Rescue zizoza nokuthi kufanele kudayiswe ingxenye encane ukuze inkampani ikwazi ukwenza imali,” kusho uButhelezi.
UMnuz Alf Lees, okhulumela iDA kwezithinta imali kahulumeni, uthe abathukanga uma bezwa ukuthi amile amabhanoyi awu-19 e-SAA ngenxa yemali.
Uthe bazobhalela ababhekelele uhlelo lokuhlenga iSAA, oMnuz Les Matuson noSiviwe Dongwana babacele banekele izwe izinhlelo zabo zokushintsha izinto eSAA.
Uthe iSAA ayinamali, inesikweletu esidlula uR20 billion, ayikwazi ukubhekana nezidingo zayo zansukuzonke okusho ukuthi iwumthwalo emahlombe abakhokhi bentela.
“ISAA kufanele iphele ngoba ayikwazi ukusebenza. Ngeke kusize ngalutho ukuzama ukuyihlenga ngoba ayisenalutho,” kusho uLees.
I-SAA ithe basebenzisana nozakwabo bakwaMango ukuqinisekisa ukuthi abagibeli abaya ezifundazweni ezehlukene zaseNingizimu Afrika bayagibela.
Labo ababheke eMunich bazogitsheliswa amabhanoyi aya eFrankfurt naseLondon nakwamanye asebenzisana neSAA.