INHLANGANO elwa nenkohlakalo i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), ifuna ukuthi izincwadi zokushayela zivuselelwe emuva kweminyaka ewu-10 ngoba ithi uMnyango wezokuThutha uyehluleka ukuzivuselela ngesikhathi.
UMnuz Wayne Duvenage wale nhlangano, uthe kunokubambezeleka kwamakhadi ezikhungweni lapho kuvuselelwa khona okuye kuthiwe kudalwe ukujama noma ukufa kwemishini egaya amakhadi kanye nenkohlakalo eqhubekayo ngaphakathi.
Umshini ogaya amakhadi kuleli uwodwa, zonke izikhungo ezikhona kuleli ezithumela kuwo imininingwane yabafake izicelo, wafa ngoNovemba nyakenye osekuholele ekutheni kube nabantu abangu-383 000 abalinde amakhadi abo kusukela ngoDisemba.
“Kuleli lizwe sinomshini owenza amakhadi kodwa lo mshini ufa njalo, azipheli izinyanga ezintathu ungafile kuphele isikhathi eside ungalungisiwe,” usho kanje
Uqhube wathi umnyango awufuni ukuphumela obala ngokufa komshini, phambilini wathi umshini ujamile ngenxa yokuthi kufakwe ulwazi oluningi ngokweqile kuwo.
"Lo mshini awunamshwalense yini? Asisazi noma lesi sizathu ukuthi sasikhona yini kwasekuqaleni? Kungenzeka ukuthi inkinga kwakungukuthi umshini usumdala, aluzange lwenziwe uhlelo lokuthi ubhekwe ukuthi usasesimeni. Noma ngabe yisiphi isizathu esishiwoyo, asanele," kusho yena.
KwaZulu-Natal ezikhungweni zokuvuselela amalayisensi, abashayeli banikezwa izizathu ezingafani zokuthi kungani bebuyiselwa emakhaya, kwesinye isikhathi kuye kuthiwe umshini ujamile, kwesinye isikhahi kuthiwe kukhona abasebenzi okutholakale ukuthi baneCorona, kuvalwe ngaphambi kwesikhathi.
Omunye wabantu abalinde amakhadi abo ocele ukungadalulw , uthe uselinde isikhathi esevile ezinyangeni ezintathu ekubeni kwakuthiwe uzoyithola emuva kwamasonto ayisithupha ilayisensi.
"Ngihamba ngephepha nalo lelo phepha selize laqothuka, lutho ikhadi! Sengize ngayeka ukuziyela mathupha ngiyobuza, sengishaya ucingo ngoba sengiye kaningi ngibuye ngilambatha," kusho yena.
NgoDisemba, uNqongqoshe woMnyango wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, wathi kuzokwethulwa amakhadi amasha kulo nyaka ngoba lawa akhona sekuneminyaka engaphezu kuka-20 ekhona futhi kulula ukuthi abantu bazenzele angombombayi.
UDuvenage uthe uMbalula uhamba ngonyawo lonwabu, bekumele ngabe sekushintshelwe emakhadini amasha.
“Siyezwa kuthiwa kuza amakhadi amasha kodwa aluqalwa uhlelo. Yingakho manje sizithola sisenkingeni yenqwaba yabantu abalinde ukuvuselela amalayisensi," usho kanje.
UMnuz Lawrence Venkile okhulumela umnyango, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulile imibuzo athunyelelwe yona mayelana nokungalungiswa komshini nokubambezeleka kwamakhadi.