IZIHLOBO zomfundi okusolakala ukuthi wadlwengulwa ngaphambi kokuklinywa ngentambo abulawe phambi kosana lwakhe olunezinyanga eziyisithupha, zifuna abolele ejele umsolwa owenze lesi sihluku.
Isidumbu sika-Andiswa Mkhize (18) obefunda uGrade 12 eVikingozi KwaMakhutha, sitholwe ngesonto eledlule silaliswe embhedeni kubo eZiko, siklinywe ngentambo sashuthekwa isokisi emlonyeni kanti sasinqunu kwesingezansi okusolakala ukuthi waqale wadlwengulwa.
Eceleni kwaso kwakulaliswe usana lwakhe olunezinyanga eziyisithupha okuthiwa belungenamyocu.
Isihlobo sika-Andiswa, uNksz Sindi Mkhize, sithe * -Andiswa ubehlala nosana lwakhe kuphela ngenxa yokushona kukanina ayehlala naye.
Uthe uke wazama ukuhlala naye kodwa bangabona ngaso linye.
“Sifisa ukuthi owenze lesi sihluku aboshwe ngoba yinto ebuhlungu kakhulu le ayenzile. Ngemva kokubeletha, bese sixoxile ngokuthi ngiyabuya ngizohlala naye kule nyanga kanti uzoshona ngale ndlela,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe kukhona owaboshwa ngemva kokushona kukamufi okuthiwa wayezisholo yena ukuthi kukhona umuntu ambulele kodwa wabuye wadedelwa ngakusasa.
Nakuba umndeni ubungenalo ulwazi lokuthi kukhona oboshiwe kodwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-29 ovele eNkantolo yaseMbumbulu izolo.
Ngenxa yokungabikhona kwezihlobo zika-Andiswa, uthishanhloko wesikole uMnuz Bheki Mhlongo, uthe beyisikole bagcine sebeqhathanisa amasenti besizana nekhansela lendawo uNksz Thabisile Zungu, ukuqinisekisa ukuthi umfundi ungcwatshwa ngesizotha.
“Kube yisigameko esibuhlungu lesi esenzekile. Bekuyingane ebikhaliphe kakhulu futhi bengingangabazi ukuthi izophasa ngamalengiso kuGrade 12. Le nto ibaphazamisile abafundi ikakhulu abefunda nabo ekilasini elilodwa,” kusho uMhlongo.
Ikhansela uNkk Zungu, lithe ziningi izigameko ezenzeka kule ndawo ezinye zazo okugcina kungaboshwa muntu okungenye yezinto abayifakile encwadini yezikhalo ehanjiswe ngesikhathi bemashela esiteshini ngoLwesibili.