BAWAFUNA uthuli amadoda amathathu adubule iphoyisa aseduna imoto yalo yomsebenzi phakathi obekunesibhamu esikhulu.
Iphoyisa lasesiteshini eZibayeni, eHluhluwe, lidutshulwe ngoMgqibelo ekuseni ngenkathi lenza uphenyo. Kuthiwa amadoda amathathu abehlome ngezibhamu, avumbuke ehlathini eTebha avulela ngenhlamvu ebhekise ephoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe iphoyisa liphume emotweni labuyisela ngenhlamvu kubasolwa.
“Abasolwa badune imoto yamaphoyisa, ebinesibhamu esikhulu bashaya bachitha. Iphoyisa lidubuleke emzimbeni laphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uNaicker.
Uqhube wathi abasolwa badune imoto yesibili kuyo le ndawo. Imoto yamaphoyisa itholwe ishiywe yodwa ebhrijini eWela.
Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokuduna imoto.
UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Khombinkosi Jula, ukugxeke ukuhlaselwa kwephoyisa.
“Izigebengu kumele zazi ukuthi uma zihlasela iphoyisa kufana nokuthi zihlasela isizwe. Siqale uhlelo lwamahora angu-72 lokuthungatha abasolwa. Sifisela iphoyisa elilimele ukululama ngokushesha,” kusho uJula.