AMAPHOYISA nabebelawula isiminyaminya emngcwabeni womfundi waseNkosibomvu Secondary, eHambanathi, oThongathi, obuyizolo bahluleke bancama ukulawula abantu.
Yize amaphoyisa abevimbe emgwaqweni wakubo ka-Andile Bobo Mbuthu (16) ededela ababhalwe ohlwini lwabantu abangu-50 ebebevumeleke kulo mngcwabo kubonakale abantu sebegcwele emagcekeni omakhelwane bakubo kamufi besebenzisa izindlela ezinqamulelayo zokungena.
Izikhulumi zichaze uBobo njengengane ebithanda ukusebenza. Unina omncane kaBobo uthe ubethanda ibhizinisi, waqala esemncane ukuqhuba izinqola ethuthela abantu izimpahla uma beyogilosa oThongathi.
“Indlela ashone ngayo namanje sifisa ukwazi ukuthi wayenzeni,” kusho yena.
UNokwanda Magudulela obefunda noBobo uGrade12 eNkosibomvu uhaye inkondlo echaza ngesihluku sokubulawa kwakhe.
UNkk Zandile Mkhwanazi umakhelwane ufanise uBobo nohlamvu olukhethekile.
“Ngicabanga ukuthi wayeneminyaka eyisikhombisa ezongitshela ukuthi ufuna ukusebenza. Ngelinye ilanga ngathi kuye akacele kunina khona sizohamba naye siye oThongathi ayosebenza njengoba egcine eseqhuba izinqola. Ukwehluka kwakhe ngikuthatha ngokuthi ubewuhlamvu olukhethekile yingakho ukunyamalala kwakhe kunyakazise umhlaba wonke, ngoba ubekhethekile,” kusho yena.
Uthisha wakhe uNksz Reginah Khoza uthe uBobo ubenza isiqiniseko sokuthi uyaziwa.
“Zimbalwa izingane ezifika kothisha zizazise zisho ukuthi zingobani. Ubengumfundi onempilo,ephokophele phambili. Ubeke enze imikhuba ekucasulayo kodwa ukuzikhandla kwakhe ngomsebenzi kukwenze usheshe udlulise. Abafundi abasesigabeni sakhe basakhula bayawenza amaphutha. Kumele sibathande benjengoba benjalo,” kusho yena.
Amaphoyisa ezama ukuhlela abafundi nomphakathi ukuze baqhelelane becula bedansa emuva kwenkonzo yomngcwabo ka-Andile Bobo Mbuthu waseHambanathi. Isithombe :Bongani Mbatha/ Africa News Agency (ANA)
UMnuz Mthokozisi Nene usihlalo we-ANC oThongathi uthe umphakathi awuxabene namaphoyisa kodwa ulwela ukuthi abantu abonile baphathwe ngendlela efanayo nabanemali.
Ngesikhathi kuqhubeka inkonzo, uma kunesikhulumi bekuthuleka.
Kuthe sekuphuma ibhokisi likaBobo sekuyiwa emathuneni umculi ocula owokholo, * -Andile kaMajola osize umndeni ngokufihlwa kukamufi waqala iculo intsha yaphuma iqhasha iza etendeni inanela iculo.