I-IFP ithi idumele ukuthi uSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbete akavumanga ukuthi kube nengxoxo mpikiswano ngokunyuka kukaphethroli kuleli.
Okhulumela leli qembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa, okunguye obefake isicelo sokuthi kube nengxoxo ngokunyuka kukaphethroli, uthe iyaxoxwa esigungwini esiphezulu saleli qembu ukuze kuqhanyukwe nomkhombandlela.
Uthe ukuphendula kukaNkk Mbete kuchaza khona ukuthi akazwelani nosizi lwabantu bakuleli.
“Abantu bakhuluma indaba yokuthi kube nombhikisho mayelana nalolu daba. Sidumele ukuthi uSomlomo akazange ayivumele ingxoxo efuze le ukuthi ibekhona,” kusho uHlengwa.
Empendulweni kaNkk Mbete kuHlengwa, ubalule ukuthi indaba yokunyuka kukaphethroli yinto ekhathaza abantu bakuleli.
Uthe ziningi izinto ezenza ukuthi kunyuke uphethroli wathi kunekomiti elikhuluma noMgcinimafa mayelana nokunyuka kukaphethroli.
NoMengameli wezwe uCyril Ramaphosa wathi ukunyuka kukaphethroli akudalwa nguhulumeni kodwa ziningi izinto ezenza ukuthi unyuke.
URamaphosa wathi banezinye izindlela abazozenza ukuze kunqandwe ukunyuka kukaphethroli.
Ubalule ukuthi akulona elakuleli kuphela elibhekene nenkinga yokunyuka kukaphethroli.