BAFONGQE isigqoko bamxolisela abomndeni uNkk Thobeka Madiba-Zuma ngenkulumo yakhe ku-Instagram BAFONGQE isigqoko bamxolisela abomndeni uNkk Thobeka Madiba-Zuma ngenkulumo yakhe ku-Instagram
UMNDENI kaMengameli Jacob Zuma ugcine ukhiphe isitatimende ufongqa isigqoko uxolisa emphakathi ngenkulumo kankosikazi wakhe, uNkk Thobeka Madiba-Zuma ebisematheni ku-Instagram nakuTwitter ngoLwesihlanu.
Unkosikazi kamengameli ubefake imiyalezo ku-Instagram esonga ngokuthi labo abazama ukulwa nomyeni wakhe bazozisola. Kwenzeka lokhu nje kusabalele izinkulumo ezithi uZuma uhleli ngesinqe esisodwa njengoba enxenxwa ukuba ashenxe esikhundleni.
Inkosana kamengameli uMnuz Edward Zuma esitatimendeni sokuxolisa igxeke unina omncane ngokukhuluma budedengu.
"Asazi singakuchaza kanjani ukudumala nokuphoxeka kwethu ngalolu daba. Yingakho sibone ukuthi masikhiphe isitatimende sishweleze ngenkulumo yalolu hlobo. Sesiqale uphenyo ngalesi senzo ukuze sithole kahle ukuthi kwenze njani," kusho uZuma esitatimendeni.
Uthe bewumndeni bakholwa wukuthi ihhovisi likanina omncane kufanele libe seqhulwini ekudaleni ukuthula emphakathini.
"Sifisa ukugcizelela ukubethemba ubuholi obukhethwe yi-ANC. Sibona ukuthi yibona obuzothatha izwe lethu buliyise phambili. Sithole inqwaba yezingcingo abantu besibuza ngalolu daba olube undabamlonyeni," kuqhuba uZuma.
Unina omncane ubefake isithombe sakhe nomengameli bezipholele, wasiphelezela ngombhalo othi ‘Kusazoshuba ungalwi nomuntu ongalwi nawe. Kusazoshipha ukotshi darling." Ugcizelele nokuthi uZuma wajoyina umzabalazo esemncane. Uze wathakazela umengameli wambiza nangamagama othando lapho ethi: "My everyday crush Nxamalala, Msholozi, Maphumephethe," emthopha.