Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA). Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA).
I-ANC KwaZulu-Natal inxusa amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukwenza isiqiniseko sokuthi abamba abantu abathinteka ecaleni lokubulawa kukaMnuz Nathi Hlomuka, ongumfowabo kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka.
Kuthiwa umufi (42) ubehleli emotweni nomngani wakhe ngesikhathi bedutshulwa ngentululwane yezinhlamvu eMnambithi ngoLwesihlanu olwedlule.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Ricardo Mthembu, uthe egameni lombutho kaKhongolose esifundazweni bafisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kangqongqoshe.
“Umndeni kasekela likaNobhala we-ANC esifundazweni, uHlomuka, ufana nokuthi umndeni kaKhongolose, siyafisa ukusho ukuthi alehlanga lungehli kuyena ungqongqoshe. Kufana nokuthi kuxebuke inyama njengoba eshonelwe ngumfowabo,” kusho uMthembu.
Uthe bayamseka ungqongqoshe kulesi sikhathi esinzima abhekene naso.
UMthembu uthe badumele ngalesi sigameko, wanxusa amaphoyisa ukuba aphenye aze afike ezimpandeni ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu ababulele uHlomuka bayabanjwa.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal nawo udlulise amazwi enduduzo emndenini kangqongqoshe wawo emva kokushona kukamfowabo.
“NgoLwesihlanu, umfowabo kangqongqoshe ubehleli nomngani wakhe emotweni emile ngesikhathi bedutshulwa esehlakalweni sokuhlasela okubukeka ngathi besihleliwe,” kusho iNhloko yoMnyango, uMnuz Thando Tubane.
UTubane uthe uHlomuka nomngani wakhe bashonele endaweni yesehlakalo.
Uthe umfowabo kangqongqoshe ubengumsebenzi eMnyangweni wemiSebenzi yoMphakathi eMnambithi.
“Imicabango nemithandazo yethu ikungqongqoshe nomndeni wakhe njengoba bezilile emuva kokulahlekelwa ilungu lomndeni wabo. Sifisa ngathi ungqongqoshe nomndeni wakhe bangaqina kulesi sikhathi esinzima,” kusho uTubane.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphendule imibuzo ayithunyelelwe yileli phephandaba mayelana nalesi sigameko.