BAGILE izimanga ku-matric abangani abafunda eSibusisiwe Comprehensive, eMbumbulu bedabula o-A abayisishiyagalombili umuntu ngamunye.
USthandiwe Mkhize (17) waseMakholweni, eMbumbulu, no-Amanda Ngcobo (17) waseFolweni baphase izifundo zabo ngamalengiso.
Bathe kubajabulisile ukuthi baphumelele ngendlela efanayo ngoba yonke into bebeyenza ndawonye besekana.
USthandiwe utshele Isolezwe ukuthi akamazi uyise futhi unina wenza umsebenzi wokuhlanza esinye sezikole kule ndawo.
“Ngifisa ukuthi umama aziqhenye ngami ngoba ungikhulisa kanzima. Ngike ngimdabukele nami ngoba uthwele,” kusho uSthandiwe.
Uthe ukunyamalala kukayise esemncane kwaba nomthelela osizini lwakhe. Lo mfundi oyokwenza izifundo zeGeology e-UKZN uthe akahlakaniphile kodwa usebenza kanzima.
Uthe ufisa ukufunda agogode kulesi sifundo ukuze agweme ukuvaleleka kwabantu emgodini ezimayini.
Uphase i-Accounting, isiZulu, Mathematics, Life Orientation, Physical Science, Life Science, English neGeography. Umngani wakhe, * -Amanda naye othole imiphumela efanayo, uthe ukhathazekile ngesimo sesikole sakhe yingakho efisa ukubuyela kuso azosishintsha sibe yiBoarding School sikhiqize abaholi bakusasa.
“Ngiyajabula kakhulu kodwa lesi sikole asikho esimeni, yisikole sasemakhaya. Ngizoqinisekisa ukuthi uma sengifundile ngiyasilungisa sibe sihle,” kusho * -Amanda.
U-Amanda uyokwenza i-Acturial Science e-UCT wenze kahle kwi-Accounting, English, Maths, Life Orientation, Geography, Maritime Economy, Physical Science nesiZulu.
Babonge uthishanhloko wabo uMnuz Sipho Khomo abamchaze njengomholi oqotho.
Ephawula uKhomo owafika kulesi sikole imiphumela imibi kakhulu uthe njengoba bethole * -95 % sebephokophele ku-100%.
“Angikwenzi ngedwa ngibambisene nothisha. Sahlala phansi saqhamuka neqhinga elihlukile lokusebenza. Ngiyaziqhenya ngemiphumela yethu kodwa akwenele sisazokhuphula izinga,” kusho uKhomo.