SESIZAKHELE isigcwagcwa komakhelwane waso isangoma saseNhlungwane, eNanda, esisolwa ngokuba nesandla ekushoneni kwendodakazi yaso ebiphila nokukhubazeka.
Ukushona isigubhukane kukaNksz Jabulile Shezi (66) ngempelasonto edlule kuqubule imibuzo komakhelwane bakhe.
Basola unina ongamzali, uNkk Babhekile Shezi, ngokumshaya aze ashone.
Kuthiwa lezi zinsolo sezenze ukuthi bangalubhadi emzini kaNkk Shezi ukuyomkhalisa njengoba eshonelwe.
Ngokusho komunye womakhelwane ocele ukungadalulwa, uNkk Shezi, ubonakale etatazela ehamba efuna imoto yokuphuthumisa umufi esibhedlela.
“Simangalile ukuthi usephuthunyiswa esibhedlela ngoba kwenzenjani ngoba ubengumqemane. Uma sizwa ngomakhelwane osondelene naye, ushona nje ubesanda kumdinda ngenduku.
“Uthi ubecasulwa ukuthi le ntombazane ibithi ifuna imali yayo yempesheni kuyena,” kusho umakhelwane.
Omunye umakhelwane osondelene noNkk Shezi, uthe umufi uzalwa ngumyeni kaNkk Shezi osewashona.
“Uphumule uJabu, ibingeyinhle impilo abeyiphila nomamncane wakhe.
“Ubeke angihlebele uma ngivakashile ukuthi unina uyamshaya.
“Uma ngimkhulumela ubevele angibhokele, athi angimthathe ngiyohlala naye.
“Bekuthi akafe uma ezimoshele, ubehlala emanzi noma enuka enjalo isikhathi eside,” kusho omunye umakhelwane.
Uthe sekukaningi bemcebisa ukuthi akamyise ekhaya labantu abaphila nokukhubazeka kodwa anqabe.
SEKUQUBUKE imibuzo ngokushona kowesifazane obephila nokukhubazeka, uNksz Bajabulile Shezi waseNhlungwane eNanda, kunezinsolo zokuthi ushaywe ngunina ongamzali waze washona
Lo makhelwane, uthe usola ukuthi uNkk Shezi ubenqaba ukumhambisa ngoba ebona ukuthi uzophunyukwa imali yakhe yempesheni.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uNkk Shezi uziphikile izinsolo zokuthi ubeyihlukumeza indodakazi yakhe, wathi ishone ngemuva kokuwa egcekeni.
“Ngiphumele emnyango ngamthola esewele phansi. Ngimbizele imoto ngamphuthumisa emtholampilo ePoly.
“Ufike washonela khona. Angazi kwenzekeni ngoba akashayekanga kabi ngesikhathi ewa,” kusho uNkk Shezi.
Uthe besekuneminyaka behlala bobabili nomufi njengoba izihlobo zabo eziningi sezashona.
“Ungumuntu obephila ngokukhubazeka ngokuthi umzimba wakhe ubuntekenteke. Engakwazi ukuzihambela, ubedondolozela ngenduku.
“Ubengakwazi nokukhuluma kahle nomqondo wakhe ubungathathi kahle. Ubefana nengane nje ngoba bengimgeza, ngimphekela futhi ngimwashela,” kusho uNkk Shezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ilungu lo mndeni noma umakhelwane onezinsolo ngokufa komuntu ukuthi ayobika emaphoyise ukuze kwenziwe uphenyo.