UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ukhumbuze abebezitapela ezitolo ukuthi badla izithukuthuku zamanye amadoda.
Ukhwele wadilika kulabo abebezitapela impahla ngesikhathi kunezibhelu ebezigubuzele lesi sifundazwe neGauteng.
Ekhuluma izolo emngcwabeni kaDkt Ben Ngubane, owayengundunankulu KwaZulu-Natal, uZikalala uchaze labo abebezitapela impahla ngesikhathi kucekelwa phansi izitolo nezindawo ezigcina ukudla, njengezinswelaboya.
UNdunankulu usebenzise inkulumo yakhe kulo mngcwabo obuseNgwelezane, ngaseMpangeni, ukukhuza lezi zibhelu eziqale ngeledlule ngemva kokuzinikela ejele kwaloyo owayengumengameli kuleli, uMnuz Jacob Zuma. Lezi zibhelu sezidlule nenqwaba yemiphefumulo kanti kunokwesabela ukuthi abantu abaningi bazolahlekelwa yimisebenzi ngenxa yomonakalo odalekile.
UZikalala unxuse izakhamuzi zesifundazwe ukuthi zenzele uNgubane, ziyeke ukutapa nokucekela phansi impahla.
"Egameni likaDkt Ngubane kanye nabanye abalwela inkululeko, nginxusa ukuthi siyeke ukuzitapela ezitolo nasezikhungweni ezigcina izimpahla. Labo abebezitapela impahla badle izithukuthuku zamanye amadoda. Kufanele bazi ukuthi benze ubugebengu, futhi babuyisela izwe lethu emuva,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi izibhelu zizobhebhezela ububha, ukusweleka kwemisebenzi nokungalingani ezweni. Wathi izibhelu ziphinde zakubeka obala ukungalingani ngakwezomnotho.
“Kufanele njengohulumeni siqhamuke nezinhlelo ezinqala ukuzama ukuguqula umnotho,” kusho yena.
UZikalala uthe ukushona kukaNgubane kusilimazile lesi sifundazwe. Wathi uNgubane wabamba iqhaza elikhulu emizamweni yokudala ukuthula esifundazweni, ukudala izinguquko kwezempilo ezizimele nakwezobuchwepheshe.
“Ubengumuntu obebesenza ngokuzikhandla, ehlale elwela ukuthi kube noshintsho. Wasebenza ngokuzikhandla ukunqanda udlame lwezepolitiki olwaluphakathi kwamalungu e-ANC nawe-IFP.”
UNgubane waba ngundunankulu wesibili wesifundazwe ngaphansi kohulumeni wentando yabantu, wabamba lesi sikhundla phakathi kuka-1997 no-1999.
Ngaphambi kwalokho wayekade engungqongqoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko, ngaphansi kweKhabhinethi yowayengumengameli uMnuz Nelson Mandela, ngo-1994.
Ngaphambi kwalokho wayekade engungqongoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal. Phakathi kuka-2004 no-2008, uNgubane waba yinxusa laseNingizimu Afrika, eJapan. Uke waba ngusihlalo wamabhodi okubalwa eyase-Eskom neyaseSABC.