SABELO NSELE
ZIVUKE umbhejezane izakhamuzi zaseTehuis, eMgungundlovu, ngemva kokuchayiswa ngabasebenzi bakwa-Eskom okuthiwa abathi abasebenzi bakhonabatshele umphakathi ukuthi ngeke bawulungise ugesi ngoba uwumkonkotelo.
Izakhamuzi ezihlala eduze nenxanxathela yezitolo i-Edendale Mall, zithi sezihlale izinsuku ezingaphezu kweziyisikhombisa zingenawo ugesi.
Zithi uma zibika ngale nkinga kwa-Eskom, zitshelwa ukuthi ngeke zilungiselwe ugesi ngoba zizixhumelene ngokungekho emthethweni.
Izolo nangoLwesibili ebusuku, izakhamizi zivale umgwaqo omkhulu u-Edendale, nezintuba ezingenela e-Edendale Mall.
Izimoto ziphoqelekile ukuthi zichushisane emigwaqweni emincane eguduza elokishini iMbali, kanye nase-Ashdown. Izakhamuzi zithi zibolelwa ukudla emafrijini kanti nabafundi ababhala izivivinyo zokuphela konyaka, bayaphazamiseka njengoba bengenagesi.
Bathe usizi lwabo lwaqala ngo-1997 beqala ukuhlala kule ndawo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Xolani Ngongoma, livumile ukuthi kunenkinga yabantu abazixhumela ugesi ngokungemthetho, nokwenza ugesi uhluphe.
“I-Eskom ingafika iwulungise ugesi manje, kodwa inkinga ukuthi uzosala uwe futhi. Kufanele siqhamuke nesisombululo sesikhathi eside, hhayi isisombululo sesikhashana, ” kusho ikhansela.
UNgongoma uthe amalungu omphakathi kufanele apheze ukuzama ukuzilungisela wona ugesi uma unenkinga.
“Bagqekeze i-transformer kagesi bezama ukuyilungisa, yabehlula.”
Okhulumela i-Eskom KwaZulu-Natal uNksz Joyce Zingoni, uthe nakuba bazi ukuthi kunombhikisho kule ndawo omayelana nokuhamba kukagesi, akekho oseke wabika ngale nkinga emasontweni amabili edlule.
Ababhikishi babuye bakhala ngokuthi abawatholi amanzi. abathi abawatholi.
UNgongoma uthe inkinga ukuthi izakhamuzi zizixhumele amanzi ngokungekho emthethweni. “Banqabile uma umasipala uthi uzobafakela ama-meter.”
Okhulumela uMsunduzi uNksz Thobeka Mafumbatha, akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona, kwaze kwayoshicilelwa.