SITHOLWE ekotishini obekuhlala kulo uzakwabo wasemsebenzini eMashona, oLundi, isidumbu sowesilisa waseVryheid, obekubikwe ukuthi uduke ngendlela engaqondakali.
Ongasekho, uMnuz Linamandla Mngomezulu (24), wayebikwe ukuthi udukile ngeSonto.
Ngokusho kwesihlobo sakhe, uNksz Nokubekezela Mngomezulu, umufi wagcina ukubonwa ephila, eya endlini okuhlala kuyona uzakwabo abesebenza naye kwinkontileka yokwakha umgwaqo oLundi.
“Uzakwabo lo oseboshiwe, sithole ukuthi ubengumuntu obemisiwe emsebenzini, kulandela iziwombe zokungaziphathi kahle. Kuthiwa ubizele uLi emqashweni wakhe esingazi ukuthi ubefuna baxoxe ngani,” kusho uNksz Mngomezulu.
Uveze ukuthi umufi ubeyimenenja yesayithi lapho umsolwa ebesebenza khona ngaphansi kwakhe, wathi emva kokungatholakali kwakhe kanjalo nemoto yomsebenzi abehamba ngayo, kuhlatshwe umkhosi wokuthi unyamalele.
“Kubhekwe iselula yakhe, wavela ukuthi igcine ukubonakala eMandeni, okuyilapho esibike khona umuntu odukile emaphoyiseni,” kubeka uNksz Mngomezulu.
Uveze ukuthi emva kokubheka yonke indawo, kugcine kuyiwa ekotishini likamsolwa, okulapho bezithele khona phezu kwesidumbu sakhe ngoLwesibili ekuseni.
“Ubeshawe ngensimbi, eficwe endaweni yesigameko igcwele igazi. Isidumbu sakhe besiboshwe izandla nezinyawo,” usho kanje.
Uqhube wathi imoto ebihamba umufi yona igcine itholwa eNanda, lapho okuthiwa umsolwa ubezama khona ukuyidayisa ngo-R10 000.
“Kuthiwa ubethi inkampani imkweleta le mali, yikho edayisa imoto yayo ngawo,” kulandisa uNksz Mngombezulu.
Uthe bathole ukuthi umsolwa ungowokudabuka eMzimkhulu.
Uthe basadidekile namanje ukuthi yini edale ukuthi umsolwa abulale umufi ngoba nakuba ebebheke umsebenzi esayithini kodwa akuyena othatha izinqumo enkampanini.
“Akuyena owammisa emsebenzini. Namanje sisadidekile ukuthi kungani embulele,” usho kanjena.
Uveze ukuthi babambisane kahle nomnikazi wenkampani kusuka ngesikhathi kuvela izindaba zokunyamalala kukamufi kwaze kwaba uyatholwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMahlabathini, aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kowesilisa oneminyaka engu-24 efile ngoLwesibili, eMashona-White City.
“Kuthiwa umufi ubebikwe njengomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa saseMandeni, ngeSonto,” kusho uConstable Ngcobo.