Indida ngababulewe begunda utshani
Image: SAPS
ASALE edidekile futhi ebuzana imibuzo engenazimpendulo amalungu omphakathi waseMbumbulu eningizimu yeTheku, ngemuva kokudutshulwa kubulawe abesilisa abane, abebegunda utshani ngoLwesithathu ntambama.
Umthombo kule ndawo utshele Isolezwe ukuthi laba besilisa ababulewe bebekade bezosika utshani emndenini owaziwayo kule ndawo. Kuvela ukuthi bathe sebengaphakathi kwathushuka amadoda amathathu abekade edlubhe amajazi amnyama, asondela kubona angabuza lutho amane avulela ngenhlamvu. Abashonile kuvela ukuthi baphelele khona endaweni yesigameko.
Ilungu lomndeni okuyilona okuthiwa belilande abazosika utshani, kuthiwa likwazile ukudlubulundela labaleka.
Umthombo uthe kakucaci ukuthi kumayelana nani ukubulawa kwalaba bantu ebebezosika utshani kulo mndeni.
''Sonke siyazibuza siyaziphendula ukuthi kwenzenjani. Asazi ukuthi ngempela laba bantu bekuyini inhloso yokuthi babulale abantu abaningi kangaka ngesikhathi esisodwa futhi baze bababulale nje yingoba benzeni,'' kulandisa umthombo.
Uthe lo ngumndeni owaziwayo kakhulu endaweni futhi ophila kahle, kukhona amatekisi namanye amabhizinisi ehlukene onawo. Kuvela nokuthi baziwa kakhulu nangezindaba zamathenda.
"Uyisitezi lo muzi ababulawe bezosika kuwona utshani,'' kugcizelela umthombo.
Uveze nokuthi kunelinye ilungu lalo mndeni elaziwayo KwaZulu Natal yonke ngenxa yokuthi libalwa namanye amalungu aqavile eqembu lezepolitiki uMkhonto weSizwe (MKP).
Elinye ilungu lo mphakathi elikhulume neSolezwe, lithe namanje basashaqekile kakhulu ngalesi sigameko ngoba kabaqondi kahle ukuthi ngempela kwenzekani.
''Sonke namanje sisamangele, siyazibuza siyaziphendula ukuthi kwenzekeni."
Lithe noma usembonini yamatekisi lo mndeni kodwa waziwa njengomndeni onokuthula, ongalukhonzile udlame.
''Yingakho nje simangele ukuthi bangahlaselwa kanjani abantu abanjengalaba,'' kulandisa ilungu lo mphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukubulawa kwalaba.
Uthe bane abantu ababulewe kulesi sehlakalo, wathi amaphoyisa aseMbumbulu avule amacala okubulawa kwabantu.
Uveze ukuthi kusolakala ukuthi laba ababulewe bahlaselwe ngamadoda amathathu abekade ehlomile.''Okwamanje asikaziwa isizathu esiholele ekutheni babulawe. Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo lwawo,'' usho kanje.
Related Topics: