BAYAVEVA abantu abaneHIV KwaZulu-Natal ngesitatimende sikaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza othe izibalo zabaneHIV ziphezulu eMdoni ngenxa yokuthi abantu bakhona abaziphethe kahle.
UNkk Khoza usho lokho engxoxweni noKhozi FM ngoDisemba 1 ngeWorld Aids Day.
USihlalo wePeople Living With HIV KwaZulu-Natal (PLHIV), uNksz Sihle Mahaye, uthe isitatimende sikaNkk Khoza siwubuyisela emuva umkhankaso wokulwa nokucwaswa kwabantu abaneHIV.
“Sidinga axolise uNgqongqoshe ngoba isitatimende sisibuyisela emuva emkhankasweni wokulwa nokubhebhetheka kweHIV nokucwaswa kwabantu abaphila naleli gciwane. Uma ethi izibalo zabaneHIV ziphezulu eMdoni ngoba abantu abaziphethe kahle usho ukuthi iHIV ingena abantu abangaziphethe kahle. Lokhu kwakha igama elibi, kwenze nabaneHIV bacwaswe,” kusho uNksz Mahaye.
Uthe kuyimanje kukhona abantu abaneHIV abasabayo ukuyolanda imishanguzo yabo futhi bazosaba kakhulu uma sebezwa ungqongqoshe ethi baneHIV ngenxa yokuthi abaziphethe kahle.
“Kunezingane ezikhule zineHIV eziyithathe kubazali bazo. Abanye abaneHIV badlwengulwa, abanye bathelelwe abantu abebethandana nabo, ngeke uthi bebengaziphethe kahle. Lesi sitatimende asinambitheki, asamukelekile ikakhulukazi kumuntu ongumholi. Kufanele kugqugquzelwe abantu ukuthi bazivikele kwiHIV, abanayo bagqugquzelwe ukuthi badle imishanguzo nsuku zonke hhayi ukuthi kushiwo izitatimende ezibehlulelayo,” kusho uNksz Mahaye.
Uthe kuyacaca ukuthi kuningi okufanele kwenziwe ukufundisa abantu ngeHIV uma ungqongqoshe ekwazi ukukhuluma kanjena.
Ucele uNkk Khoza ukuthi axolise kubantu abaneHIV, aye oKhozini FM njengoba enzile ngesikhathi esho lesi sitatimende esibuyisela umkhankaso wokulwa neHIV emuva.
“Sifuna ungqongqoshe ayoxolisa kubantu abaneHIV oKhozini. Ahlangane nePLHIV nezinye izinhlaka ezithintekayo ukulungisa umonakalo owenziwe yinkulumo yakhe. Singabantu abaphila neHIV sizimisele ukusebenzisana nohulumeni nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukulwa neHIV nokucwaswa kwabantu abanayo,” kusho uNksz Mahaye.
Okhulumela uNkk Khoza uMnuz Mhlaba Memela, uthe ungqongqoshe akashongo ukuthi iHIV itholwa abangaziphethe wathi inkulumo yakhe ihlanezeliwe.
Uthe ubekhuluma ngokuthi abantu abayidli kahle imishanguzo yabo.
“Ungqongqoshe uzimisele ukuxoxa nabaphila neHIV, akabacwasi abaphila naleli gciwane kodwa ugqugquzela ukuthi badle imishanguzo yabo.”