UMNDENI wobengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma nalabo abamesekayo, bathi isibami emphinjeni indaba yabantu abakhuluma ukuthanda kwabo ngokugula kwakhe, bemsola nangokuzenzisa.
Indaba isuswe wukuthi uZuma bekufanele avele phambi kwekhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kodwa kwathiwa akaphilile kahle, angase angaveli.
Usihlalo weKhomishini, iJaji uRaymond Zondo, uzamukele izethulo zabameli bakaZuma abebebika ukuthi uzoke ayoxilongwa kabanzi ngenyanga ezayo.
Indodana kaZuma, u-Edward ithe kuyabacasula ukuthi kunabantu abathi uyise uyazigulisa ngoba egwema ukuvela kwikhomishini.
“Indaba yokugula ixoxwa nekhomishini ngendlela yakhona, manje asazi ukuthi abantu bakuthathaphi lokhu abakushoyo? Asinaso isikhathi sokulokhu siphendula umbhedo wabantu,’’ kusho u-Edward.
NgoJulayi wonyaka odlule uZuma uke wavela kwikhomishini kodwa wabuye wadikila, ekhala ngokuthi akeneme ngendlela ayejijimezwa ngayo ngemibuzo. Emuva kwalokho waphutha izikhawu ezimbili kufanela avele, kwabekwa izizathu ezahlukene.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Thabani Masuku, uthe asikho isidingo sokuthi ikhasimende lakhe lithunyelelwe incwadi elibizela kwikhomishini ngoba bazimisele ngokuxoxisana noZondo esithe ukuze bamlandise ngesimo sempilo kaZuma.
Okhulumela uMkhonto WeSizwe Veterans Association, uMnuz Carl Niehaus, ehambisana noMnuz Nkosentsha Shezi weRadical Economic Transformation Champions, bathe ayingakhulunywa budedengu indaba yokugula kukaZuma.
“Siyazi thina ukuthi kunomkhankaso wokuthi uZuma aphonswe ejele ekubeni lo muntu uchithe impilo yakhe yonke esebenzela isizwe.
“Ikhomishini ibunjelwe ukuthi inekele umhlaba ukuthi uZuma aziwe njengomuntu ongcolile, hhayi ngoba befuna ukuthola iqiniso,’’ kusho uShezi.